iThird Force

iThird Force

Ngu S’bu Zikode

Inhlangano yabahlali basemjondolo enikeza ithemba kwizinkulungwane zabantu baseThekwini ihlale isolwa ngokuthi iyingxenye yeThird Force. Emaphephandabeni kanye nakuzozonke izinhlob zemihlangano lukho kuvela njalo. Baze bachithe nemali beshushisa iThird Force. Sidinga ukuyibheka ngamehlo anzulu lendaba yeThird Force ukuze abantu bangadideki.

Kufanele ngiwaxwayise amaqabane, izisebenzi zikahulumeni, abezepolitiki kanye nezifundiswa abathanda ukukhuluma neThird Force ukuthi abazi ukuthi bakhuluma ngani. Baphakeme kakhulu ukuhti bangakuzwa esikuzwayo. Bahlale befune ukusikhulumela nangokukhuluma ngathi kodwa kufanele basivumele ukuhti sikhulume ngezimpilo zethu nangemizabalazo yethu.

Kufanele sizicacise izinto. Ayokho nhlobo iThird Force. Umbuzo uthi yini iThird Force nokuhti ngobani abayingxenye yayo? Ngakho-ke mina qobo ngiyiThirdForce. The Third Force yobobonke ubuhlungu nokuhlukumezeka abampofu abakuzwa ngayoyonke imizuzwana yezimpilo zabo. Abahlali basemjondolo kunokuningi bafuna ukukusho ngeThird Force. Sekuyisikhathi lesi sokuhti sikhulume sivele sithi singobani, kukephi lapho sikhona nokuthi siphila kanjani. Impilo esiyiphilayo yenza imiphakathi yethi ibe iThird Force. Abaningi bethu abasebenzi ngakho usuku lonke luphela sizabalazela imali encane. Ingculaza ibhihlange kakhulu emjondolo kunakwezinye izindawo. Ngaphandle kwezindlu ezifanelekile, amanzi, ugesi, nokususwa kukadoti kanye nezindlu zangasese kwanda izinhlobonhlobo zezifo. Okudala lokhu kugqamile fuhti ngisho nengane encane ingazibonela. Imizimba yethu ibaba zonke izinsuku ngenxa yezilokazane. Makunetha yonke into iba manzi * izingubo zokulala kanye naphansi. Makushisa omaskito kanye nezimpukane kuvele kugcwale. Akukho ukuvakasha emjondolo. Masekufika ukuhlwa lokho kuyinkinga. Ubusuku kufanele kube yisikhathi sokuphumal nokuthatha ikhefu. Kodwa akwenzeki kanjalo emjondolo. Abantu bahlale bekhathazekile ngezimpilo zabo. Ungabona ukuthi makhulu kangakanani amagundane agijima phezu kwabantwana ebusuku. Ungabona ukuthi balala kanjani ngaphansi kwamabriji uma kunetha ngenxa yokuhti phansi kumanzi. Imvula ivele ingena ngaphathi kwezindlu zabantu. Abanye abantu bama kuze kuse.

Kodwa ubumpofu akukona nje ukuhlukumezeka. Kusisabisa ngokufa zonke izinsuku. Sikubonile ukuhti kuyingozi kangakanani ukuba mpofu. Emjondolo yaseKennedy Road sibonile ukuthi uMhlengi Khumalo, ingane enonyaka owodwa, yafa ngomlilo ngenyanga edlule. Nabanye abyisikhombisa sebafa selokhu uMasipala weTheku anquma ukuvala ugesi emjondolo. Baningi abanjengo Mhlengi kulolonke lelizwe. Ubuphofu busabisa ngisho abantu emaflethini. EBayview, eChatsworth, ekuqaleni kwalonyaka owesifazane wabulawa yindlala * wayesaba ukutshela omakhelwane ukuthi aknakho ukudlala ngakho-ke wafa eyedwa.

Laba abangababusi bavaleke amehlo ezinhluphekweni sethu. Ingoba abakakuboni esikubonayo, abakakuzwa esikuzwayo imizuzwana ngemizuzwana, zonke izinsuku. Isiphakamiso sami ukuthi abaholi abakhathazekile ngezimpilo zabantu abeze bazohlala noma iviki emjondolo. Kufanele baluzwe udaka. Kufanele basebenzise izindlu ezincane eziyisithupha kanye nabantu abayizinkulungwane eziyisithupha. Balahle udoti wabo behlala eduze nalapho ulahlwa khona. Kufanele bahambe nathi ngesikhathi siyofuna imisebenzi. Kufanele baxoshe amagundane beqaphele nezingane ukuhti zingawawisi amakhandlela. Kufanele banakekele abagula kube kunomugqa omude wokukha amanzi. Kufanele nabo babe nethuba lokuchazela izingane ukuhti kungani zingakwazi ukuyofunda eTechnical College engezansana kwensana kwendawo. Kufanele babekhona uma singcwaba izingane zethu ezibulawe umlilo, ukuhuda kanye negculazi.

Ngokwethu umzabalazo obaluleke kakhulu owokuhti sihlonishwe njengabantu. Ngesikhathi somzabalazo ngaphambi kuka1994 kwakunezingxernye ezimbili * abampofu nezicebi. Manje emva kokhetho sekunegxenye ezintathu * abampofu, izifundiswa kanye nezicebi. Abampofu sebehlukanisiwe ezifundisweni. Silokhu siqhubekela ebumpofini bethu kodwa abacebile beceba kakhulu. Singabodwana. Singabodwana ngokwempela.

UMongameli wethu uMbeki ukhuluma ipolotiki * uNdunankulu wethu uNdebele, noShilowa waseGauteng no Rasool waseNtshonalanga Kapa, noSobaba uMlaba nabanye ezweni lonke bakhuluma ipolotiki. Kodwa ubano ozokhuluma ngezimo ezibalulekile ezigcindezele abantu zonke izinsuku * amanzi, ugesi, imfundo, umhlaba, izindlu? Sasicabanga ukuhti uhulumeni wasisfunda uzoncipha kwipolitiki abhekele ukuhti abantu badingani kodwa konke kuba ipolitiki.

Sithole ukuhti uMasipala wethu awulaleli uma sikhuluma nawo ngesiZulu. Sazama isiNgisi. Kodwa manje sesithole ukuthi abezwa noma sikhulu ngesiXhosa noma ngesiSuthu futhi. Ulimi abaluzwayo kuphela uma sifaka izinkulungwane zabantu emgwaqeni.
Siyibonile imiphumela yalokho futhi lokho kwasiqinisa. Kusebenza kahle kakhulu. Ilona kuphela ithuluzi esinalo lokukhulula abantu bethu. Kungani kufanele sikuyeke?

Sesiqeqeshekile ekuhluphekeni kwethu. Sibenohlelo lokuqhubekela phambili. Uhlelo lethu kwakkungelokuqhubeka nokuxoxisana ngokuthula nababusi okwaqala eminyakeni eyishumi edlule. Kodwa indlela yethu lokuqala labukelwa phansi. Sakhohliswa. Kwadingeka ukuhti siqhamuke nenye indlela.

Mhla zingu16 kuFebruwari 2005 kwaba ngukuqala komzabalazo wethu. Ngalolosuku ikomiti yaseKennedy Road yab nomhlangano oyimpumelelo nosihlalo wezezindlu kuMasipala, umqondisi wezezindlu kanye nekhansela lewadi. Bonke basithembisa umhlaba ongenalutho oseClare Estate ngokuthi uzoba yinmdawo yokwakhiwa izindlu. Umhlaba oku Elf Road yaba ngenye yezindawo ezabalulwa. Kodwa sakhohliswa ngabantu abathenjwa kakhulu edolobheni lethu. Emva kwenyanga, ngaphandle kokubikelwa, ogandaganda baqala bamba umhlaba. Abantu bajabula. Bahamba bayobukela ukuhti kwenzekani kodwa bathuka uma bezwa ukuhti kwakuzokwakhiwa ifactory yezitini lapho. Nabanye abaningi bayo kobona. Sasibangi kakhulu kangangokuba savimba umgwaqo. Indoda eyakha ifactory yabiza amaphoyisa nekhansela lewadi yethu, indoda ebekwa kulesisikhundla namavoti ethu ephethe ukuyithemba kwethu kanye nezifiso zethu. Ikhansele lathi emaphoyiseni “Babopheni labantu bayizigebengu”. Amaphoyisa asishaya, izinja zawo zasiluma asebopha ishumi nesine bethu. Sabuza ukuhti kwenzenjani ngomhlaba esiwuthenjisiwe. Satshelwa ukuthi “Nina Bantu nifuna ngenkani lomhlaba?” Lokukhohliswa kwenza abantu bahlangana. Abantu abasikhohliswa yibo abenza kubekhona lenhlangano. Labobantu bayi-second force.

Inhlangano yethu yaqala ngokuboshwa kwabayishumi nane * sibabiza ngamaqhawe ayshumi nane. Manje sesinezindawo eziyishumi nane ehlangene eyaziwa nga- abahlali base mjondolo. Indawo ngayinye ihlangana kanye ngesonto bese bonke abaholi basemjondolo bahlangane kanye ngesonto. Sikulungele ukukhuluma kodwa lokho uma kungasebenzi sizimisele ukusebenzisa amandla ethu. Sozokwenza okumele sikwenze ukuze sikwazi ukuthola esikudingayo ukuze siphile ngokuphephileyo.

Sesifunde ukuthi ngosekwenzekile ukuthi uma kukhona oukufunayo, uma ukfuna ukukuthola ngedleal yokuthula, nokuzithoba, ngokuhlonipha labo abaphethe, isicelo sakho siphenduka sibe ubugebengu. Uyokhohliswa kweve eminyakeni eyishumi, uokwenziwa isilima, ubukelwe phansi. Kukngakho-ke sejikele emgwaqeni. Uma sesimi khona siyizinkulungwane siyalalelwa.

Umzabalo oqale eKennedy Road ukufika kwesikhathi esisha. Siyawabona amqhinga amaphoyisa eza nawo okusabisa amampofu nokubehlisa umfutho. Asinandaba noma bangasakhela amajele baqashe onogada umangabe bengazimisele ukulalela esikushoyo. Kumele wonke umhlali wasemjondolo azi ukuthi kwenzekani eAlexander eGoli, ePort Elizabeth, eNtshonalanga Kapa. Sesibathumelile ukuthi sikanye nabo. Ngeke siphumule kuze kube khona ubulungiswa kwabampofu * hayi nje eKennedy Road, ziningi ezinye izindawo ezifana neKennedy Road, baningi oMhlengi, maningi amazwi abampofu angalelwa futhi angeziwa. Kodwa sesithole ulimi olusebenzayo. Sizoqhubeka nalo. Abahlukumezekile sebekhulumile. Sesithe sekwanele manje.

Kufanele kugqame ukuhti akuwona umdlalo wepolotiki. Lenhlangano iyinhlobo yethuluzi umphakathi ohlose ukuthola ngalo imiphimela esheshayo. Lokhu akuhlangene nepolitiki nezinhlangano zayo. Amalunga ethu anyingxenye yazozonke izinhlngano zepolitiki ongazicabanga. Akuyona inhlangano yepolitiki le. Iyoqeda umsebenzi wayo uma umhlaba nezindlu, nogesi kanye nezinye izidingo gqangi sezikhona nubuphofu sebuphelile. Kusilungele ukuhti sibeyinto enhlangene ukuze abantu bakithi bathole akudingayo * okusemqoka. Kodwa ukuze lokho kwenzeke ngeke siyeke.

Umphakathi usubonile ukuhti ukuvotela izinhlangano akulethanga mehluko * ikakhulukazi okhethweni lasemadolobheni. Siyalubona ushintsho olubalulekile kuhulumeni kaZwelonke kodwa kuhulumeni wesifundazwe, ophumelelayo uzobhekana nathi ngqo. Sikhohliswe ikhansela esazikhethela lona. Ngakho sesinqume ukungavoti. Umkhonkaso usuqalile othi ‘Uma ungekho uMhlaba, neNdlu, ne Voti ayikho’, umkhankaso ekuvunyelwene ngawo ezindaweni eziyishumi nane.

Sishayelelwa iThird Force, ukuhlukumezeka kwabampofu. Abakhohlisi bethu iSecond Force. IFirst Force kwakungumzabalazo wethu wobandlululo. IThe Third Force iyophela mhlasekufika iFourth Force. IFourth Force umhlaba, izindlu, amanzi, ugesi, ezempilo, imfundo nemisebenzi. Sicela nje okuyizidingo gqangi hayi ubucwebecwebe. Umzabalazo wabampofu lo. Isikhathi sesifikile ukuba sikhombise ukuthi singamampofu empilweni kodwa hayi emgqondweni.

Kuthina isikhathi sibe yisifundo esihle kabi. Abantu babona izinto eziningi. Sifundile ngokwedule * sihlukumezeke sodwa. Lobobuhlungu nokuhlukumezeka kusifundise okuningi. Sesibonile ukuhti akufanele ukuba ngabe sihlala ngaphansi kwalezizimo. Kufike intando yeningi kwabampofu. Akekho ongabe usitshelile * abusi bethu esibakhethile nabaphathi bakahulumeni bebengeke basitshela ukuthi simelwe ukuthola lani. Ngisho neFreedom Charter yinhle kuphela kokubhaliwe. Ayisho lutho ngezimpilo zabantu abampofu. Aysisizi. Kungukucabanga koquqaba kwabantu okubalulekile. Sibonile ukuthi izwe lakithi licebile. Ziningi izindawo zokufikela izindiza mshini ezakhiwayo, kunokuthuthukiswa okuningi ePoint Waterfront, izinkundla eziningi zemidlalo ziyalungiswa, kunemali nje ekhona ejikelezayo, eney ize ibolekwe uMugabe. Kodwa ma ubuzela izidingogqangi utshelwe ukuthi imali ayikho. Kusobala ukuthi ayikho imali yabampofu. Imali ingeyabacebile. Sesifike esinqumeni esithi ‘sekwanele’. Siyavumelana sonke ukuthi kukhona okumele kwenziwe.