UnFreedom Day 27 April 2006


Ilanga

LUCKY CAIN

NGESIKHATHI Iningizimu Afrika ibhiyoza ngosuku lokugubha usuku lwenkululeko kusasa imiphakathi eyehlukene eyakhelene neTheku namaphethelo ihlele ukuba nosuku oluphikisana nalolu abalibiza nge Unfreedom Day . Kuthiwa le miphakathi izobe ihlangene esontweni i-St John s ku-Rippon Road eClaire Estate ngo 4 ntambama izilele ukunqatshelwa amalungelo ayo selokhu kwathatha uHulumeni wentando yeningi. Le miphakathi iningi layo ehlala emijondolo isho ngazwi linye ithi yona ayikakakhululeki. Isizathu sokuzila kwabo bazobe belwela izindlu ezinesizotha zabo bonke abantu, izidingongqangi zamahhala, indawo enempilo nehlanzekile kanye nokunye, futhi bazobe bephikisana nokuxoshwa ezindaweni zokuhlala, ukunqanyulelwa kwamanzi nogesi nokunye . Lokhu kuphume esitatimendeni esikhishwe yinhlangano okuthiwa Abahlali baseMjondolo Movement. Kanti isiqubulo abazobe besisebenzisa sithi Ayikho inkululeko kwabampofu . Okhulumela le-Movement ezibiza nge-Abahlali baseMjondolo uMnuz Sbusiso Zikode ukusho kwagcwala umlomo ukuthi inkululeko ayibonwa nangokhalo, kudlalwa ngabantu nje kuphela. Angisho nje ukuthi uHulumeni okhona uyayibulala uyayiqeda intando yeningi njengoba iningi labantu bakithi besahlala emjondolo, besaphuza amanzi angahlanzekile besekuthiwa sikhululekile kube kudlalwa ngabantu yibona abaphezelu kuphela abakhulukile, kubeka uMnuz Zikode oqhube wathi: Ngikhuluma nje kunemijondolo engu 50 eshile ngemuva komlilo oqalwe yikhandlela. Abantu ababalelwa ku-250 basele dengwane, bese siyabhiyoza simemezele ukukhululeka kwethu. Esephetha uMnuz Zikode uthe le-rali abayihlelile ithinta noma ngabe ngubani ongakhululekile ngalo Hulumeni obusayo Noma ngabe ngubani ozizwa engakhululekile kumele asijoyine kusasa njengoba sesike saxhumana abaqhamuka ngaphandle kweSifundazwe saKwaZulu-Natal nabo ababhekene nesimo esifana nesethu, kuphetha uMnuz Zikode.