The Foreman Road Christmas Day Fire Disaster: Isolezwe Page 4, 27 December 2007

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4185898

Basale dengwane kusha imijondolo

December 27, 2007 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

NGESIKHATHI imindeni eminingi ijabulela ukuhlangana nezihlobo nabangani kugujwa usuku lukaKhisimusi, imindeni engaphezu kuka-200 ibiqhatha usizi ngemuva kokusha kwemijondolo yayo e-Foreman, e-Sydenham, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.

UMnuz S’bu Zikode, wenhlangano yabahlali basemijondolo eThekwini, uthe kukholakala ukuthi lo mlilo oqale ngabo-11 ebusuku uqutshulwe yikhandlela kanti ushe kwacishe kwasa.

“Kunowesifazane okukholakala ukuthi ushiye ikhandlela livutha nokuthe uma esebuya wathola ukuthi umlilo ususha ubuhanguhangu wabe usuthungeleka nakweminye imijondolo,” kusho uZikode.

Uthe lesi sigameko sibashiye beshaqekile, ikakhulukazi njengoba abantu bebejabulele usuku lukaKhisimusi. Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo, uZikode uthe abanikazi bemijondolo eshile bebema-tasatasa bezama ukuvusa imijondolo yabo, kanti abanye bahlaliswe ehholo lomphakathi e-Sydnham.

Uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko iningi lezakhamizi belingekho kule ndawo njengoba beligubha uKhisimusi nemindeni yalo emakhaya.

“Yize kunjalo kodwa iningi labantu lishiya impahla eningi ezindlini. Yonke-ke leyo mpahla ishe yaba wumlotha,” usho kanje.