Abantu abampofu namaPhoyisa

Abantu abampofu namaPhoyisa

Abahlali asebekutholile ukuthi ngasosonke isikhathi uma abantu abampofu bezikhulumela , Labo abakhokhelwayo ukuthi basikhulumele basibiza ngezigebengu . Abanendaba ukuthi iminyaka eyikhulu yokhokho bethu behlukumezeka njengoba sisahlala emjondolo , lena uMasipala ayidilizayo kube kungamakhaya ethu .Njalo uma silwela amalungelo ethu sibizwa ngezigebengu. Umthethosisekelo wakuleli uyavuma ukuthi sihlangane simashe sisho esikufunayo ,kodwa lokhu akuwamuleki .Njalo uma sithi sizwakalisa amazwi ethu ,kuthunywa amaphoyisa azosibopha, asivimbe ukuzesingamashi.

Ngomthetho amaphoyisa kumele asiqaphe uma simasha kunalokho alwa nathi. Asithuke, asishaye, asidubule,Siphila ngaphansi kwesihluku sawo. Mhla zingu 3 Disemba 2006 Abahlali ne AEC bateleka ndawonye ku SMI.

Abahlali baseSiyanda babemashela ukususwa ngenkani ezindaweni zabo . Amaphoyisa athiwona athunywe yikhansela ukuthi ashaye adubule ,alimaze abantu ..Lento yenzeka nakuKennedy , Motala ukudayiswa amakhansela .eSiyanda amaphoyisa abangenela ngisho nasezindlini kusho uNtombifikile ,naseMlazi ,Foreman adubula abantu nakhona.Umthetho usection 205 kumele usebenze njengoba amaphoyisa enza isihluku yonke lemijondolo ,eMlazi kwa E. Kwaphumelela ukuboshwa kwezinswelaboya ezithunywa amakhansela ukuthi zibulale. Abantu .Lapho amaphoyisa aseyavikela abantu kulaba ababcindezelelayo .Abantu balahlekelwa amaselula abo.Yiwo ayenza udlame emphakathini hayi abantu.Abahlali abawu 100 nyakenye baboshelwa udlame lokhu kwakumangaza .Amaphoyisa ayefuna ukuzixhaphazela abantu nje.Abahlali babhekene nenselelo yokuthi benze amaphoyisa ahloniphe umthethosisekelo. Uma ngase siphumelele ukwenza lokho .

Umzabalazo wethu uzoqina !!!