Isolezwe: Bakhala ngentuthuko egqozayo abaseSiyanda

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4935734

Bakhala ngentuthuko egqozayo abaseSiyanda

April 15, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

USIHLALO wophiko lweZindlu emkhandlwini weTheku, uMnuz Nigel Gumede, uthi abantu abaningi sebegcwala imigwaqo bakhale ngokugqoza kwentuthuko ngoba sekusondele isikhathi sokhetho kunokuthi balandele imigudu efanele.

UGumede ukusho lokhu emuva kokuthi amalungu enhlangano yaBahlali baseMjondolo eSiyanda begcwale umgwaqo izolo bamashela emahhovisi kaMasipala weTheku akwaMashu bekhala ngokugqoza kwentuthuko.

Uthe babe nomhlangano eSiyanda emasontweni amathathu edlule lapho abantu bazwakalisa ukungathokozi ngendlela okusebenza ngayo uhlelo lokunikezelwa kwezindlu, ukungabibikho kukagesi namanzi.

“Sabachazela ukuthi uhlelo lusebenza kanjani emuva kwalokho azikho izikhalo engaphinde ngazithola kodwa siyanxusa ukuthi uma abantu benezikhalo ngezindlu nentuthuko bafike ehhovisi lami bazilethe ukuze sibheke ukuthi singabasiza kanjani,” kusho uGumede.

Usihlalo wekomidi laBahlali baseMjondolo lase Siyanda, uNkk Nomusa Nxumalo, uthe sekungokwesine bemasha behambisa uhlu lwezikhalo kusukela ngo-2006.

“Njengoba kwakhiwa umgwaqo onguthelawayeka lapha eSiyanda kwakuthiwa sizosuswa kodwa ngenxa yokuthi umgwaqo uncishisiwe sayekwa, manje inkinga ukuthi asitshelwa ukuthi sizoshoniswaphi,” kusho uNkk Nxumalo.

Uthe njengoba umgwaqo uzobiywa angeke bakwazi ukuthola izinto zokugibela uma beya emsebenzini.

“Sesisele sodwa esiqhingini esiseceleni komgwaqo. Izingane zethu zizoba nenkinga yokufinyelela esikoleni ngoba singaphesheya komgwaqo njengoba kubiyiwe,” kuchaza uNkk Nxumalo.

Uthe le ndawo abasele kuyo ayinawo amanzi njengoba anqanyulwa sekulungiselelwa ukwakhiwa komgwaqo kanti nogesi awukho.

“Sifuna ukutshelwa ukuthi sizokwenziwa njani thina njengoba sesisele kanje kungasashiwo ukuthi sizokwakhelwa kuphi izindlu. Asikwazi ukuhlala eceleni komgwaqo obiyiwe ngoba nezinto zokuhamba azisangeni lapho sihlala khona,” kusho uNkk Nxumalo.

Okhulumela amaphoyisa kule ndawo, uCaptain Phindile Nxumalo, uthe lo mphakathi ushise amathayi nomatilasi emgwaqeni uMalandela nakweminye emincane engenela eSiyanda kwadingeka ukuthi izimoto zisebenzise eminye imigwaqo.

“Akekho oboshiwe nolimele kanti amaphoyisa akwazile ukususa amathayi emgwaqeni, umgwaqo waphinde wavuleka,” kusho uCapt Nxumalo.