Bathi abayi ezindlini abakhelwe zona

Available at http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3512250

October 30, 2006 Edition 1

Zibhekane ngeziqu zamehlo namaphoyisa izakhamizi zasemijondolo yaseMotala Heights, ePinetown, eThekwini ngesikhathi lezi zakhamizi zala ukhasha ukususwa ziyohlaliswa eNazareth, khona ePinetown, lapho kuthiwa zakhelwe khona izindlu.

Isikhulumi sekomidi lomphakathi elaziwa ngokuthi Abahlali Basemijondolo, uMnuz Philani Zungu, uthe bona abahambisani nalesi senzo.

“Asixabene nomsebenzi kaMasipala wokuthuthukisa umphakathi, kodwa sikhala ngendlela abasebenza ngayo ekhombisa ukungabi nendaba nomphakathi. Bavele bafike basitshele ukuthi bayadiliza ngaphandle kwesexwayiso,” kusho uZungu.

Uthe lesi senzo siza nezinkinga eziningi njengoba abantu abaningi bephelelwa ngamatoho ngenxa yokufuduka.

UMnuz Derrick Fenner, weMotala Development Committee, uthe abantu bavele bayishaya indiva imiyalelo yezikhulu zoMnyango wezeZindlu namaphoyisa njengoba bathe beyidiliza imijondolo ebusuku, kwasa seyimile futhi.

UFenner uthe lokhu kwenziwa wukusweleka kwendawo yokulala.

UZungu uthe lesi senzo sizoholela ekufakaneni enkantolo njengoba bekholelwa wukuthi umhlaba abahlezi kuwo ngokahulumeni okhululekile.

“Sizoqhubeka nokulwela amalungelo abahlali basemijondolo uMasipala aze azilalele izikhalazo zethu. Kungani bengalungiseli izakhamizi izindawo lapho zihlezi khona kunokuzifudukisa, lokhu kwenza nzima impilo, kusho uZungu. – Intatheli yeSolezwe

One thought on “Bathi abayi ezindlini abakhelwe zona

  1. Pingback: Evictions at Motala Heights October-December 2006 | Abahlali baseMjondolo

Comments are closed.