Richard Pithouse

Umlando ngempilo nomzabalazo wabahlali basemijondolo eThekwini

| | |

Umlando ngempilo nomzabalazo wabahlali basemijondolo eThekwini.

Ngonyaka ka 1824 kwafika isigetshana sabamhlophe bazinza eThekwini, ngalesosikhathi iTheku lalisengaphansi kwesizwe sama Qwabe. Ngokusekwa uhulumeni wabamhlophe owawulawulwa ngokwemigomo yaseBrithani, basungula umasipala weTheku owabe ulandela inqubo yaseBrithani.

Ngeminyaka kusuka 1846 kuya ku 1848 abamhlophe baqinisa amatomu okucindezela abantu bendabuko kuleli. Lokhu kwavela ngenkathi bephucwa umhlaba kusetshenziswa imithetho eyahlukahlukene. Okwahlala obala ukuthi inhloso yalokhu kwabe kuwukukhubaza impilo engcono abantu ababeyiphila. Ngaphezu kwalokho abamhlophe babesungule izikhungo zokukhiqiza umnotho ngakho befuna abakuleli basebenze kubo ngenkokhelo ephansi.

Syndicate content