Cato Manor

Isolezwe: Lishiselwe ihhovisi ikhansela le-ANC okuthiwa alifunwa

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5247838

Lishiselwe ihhovisi ikhansela le-ANC okuthiwa alifunwa

November 17, 2009 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

Kucekelwe phansi ngomlilo ihhovisi lekhansela eMayville, eThekwini, kungakapheli ngisho amahora angu-24 abantu bakule ndawo bekhononde ngekhansela labo.

Abantu bakule ndawo, eyimijondolo, bathi abasamfuni noma bambone uMnuz Richard Ngema oyikhansela le-ANC.

Izolo Isolezwe libike ngodaba lwabantu bakule ndawo ababe nomhlangano ezinkundleni zemidlalo eMayville ngeSonto lapho kuphume khona isinqumo sokuthi achithwe uNgema ngoba kuthiwa uyahluleka ukuletha izidingo zomphakathi nokuthi ikomidi lakhe lidayisa ngezindlu zomxhaso.

Syndicate content