Abahlali Basemjondolo bayisa uHulumeni Wesifunda enkantolo ngokushaywa komthetho wokudilizwa kwemijondolo
NgoLwesibili safaka isicelo enkantolo ephakeme sicela ukuthi inkantolo iveze ukuthi umthetho wesifundazwe sakwa Zulu Natal wokudilizwa kwemijondolo awuhambisani nomthewtho sisekelo wezwe. Namuhla sizwakalisa ukuthi isikhonzi senkantolo sesiwahambisile amaphepha anezethulo zethu kwizikhulu zikahulumeni wesifunda. Iziphakamiso zethu kanye neze sifunda zisezithebeni ukuze izwe lonke lazi ngazo.
Umthetho wokudilizwa kwemijondolo uwukuhlasela abantu abampofu futhi kuthakaselwa kakhulu izinkampani ezidayisa ngemihlaba nakuba abampofu lokhu kubakhalisa. Kucaca ngokusobala ukuthi lomthetho usibuyisela emuva emithethweni yobandlululo njengo (Slums Act sika 1934) kanye nomthetho ka 1951 owawuphikisana nokuhlala endaweni ngaphandle kwemvume. Namuhla sithi emnyangweni wezezindlu akubekhona ingqungquthela ezothanyelwa izinhlangano ezikhethwe ngentando yeningi ezizoxoxisana nohulumeni ngemithetho nezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu. Ngeke sikwamukele ukuthi kulomzabalazo ongaka singaqhubela silawulwe imigomo engasiphumelelisi ndawo.
