S'celo Khuzwayo

Isolezwe: Abasemijondolo sebefake uHulumeni enkantolo

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4453150

June 13, 2008 Edition 1

Abasemijondolo sebefake uHulumeni enkantolo

S'CELO KHUZWAYO

INHLANGANO ebhekelele amalungelo abantu abahlala emijondolo, Abahlali Basemijondolo KwaZulu-Natal, isifake amaphepha enkantolo eNkulu yaseThekwini ngenhloso yokuthi kuchithwe umthetho ophasiswe wuMnyango wezeziNdlu okuhloswe ngawo ukulwa nokuvumbuka kwemijondolo, i-Prevention and Elimination of Re-emergence of Slums.

UMengameli wale nhlangano, uMnuz S'bu Zikode, utshele Isolezwe izolo ukuthi abameli babo sebemi ngomumo, njengoba sebewa-fakile amaphepha enkantolo ePhakeme yaseThekwini, wathi uma kungukuthi bayahluleka kule nkantolo bazimisele ukuhamba ibanga elide.

Isolezwe: Basale dengwane kusha imijondolo

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4185898

Basale dengwane kusha imijondolo

December 27, 2007 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

NGESIKHATHI imindeni eminingi ijabulela ukuhlangana nezihlobo nabangani kugujwa usuku lukaKhisimusi, imindeni engaphezu kuka-200 ibiqhatha usizi ngemuva kokusha kwemijondolo yayo e-Foreman, e-Sydenham, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.

UMnuz S'bu Zikode, wenhlangano yabahlali basemijondolo eThekwini, uthe kukholakala ukuthi lo mlilo oqale ngabo-11 ebusuku uqutshulwe yikhandlela kanti ushe kwacishe kwasa.

"Kunowesifazane okukholakala ukuthi ushiye ikhandlela livutha nokuthe uma esebuya wathola ukuthi umlilo ususha ubuhanguhangu wabe usuthungeleka nakweminye imijondolo," kusho uZikode.

Syndicate content