BAWINILE NGCOBO

Isolezwe: Balale emnyango ababethenjiswe izindlu zomxhaso

| | | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4897760

Balale emnyango ababethenjiswe izindlu zomxhaso

March 20, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUXABENE ubendle ezindlini ezingamathini eziseRichmond Farm ngaseLindelani njengoba ngoLwesibili kube khona abantu abakhishwayo kulezi zindlu balala emnyango, kwafakwa abanye abakhishwe emijondolo eseSiyanda lapho kwakhiwa khona umgwaqo onguthelawayeka.

NgoLwesibili abantu abese besele emijondolo yaseSiyanda bathuthelwe kulezi zindlu ukuze balindele ukungena izindlini zabo zomxhaso, kodwa bahlangabezana nembibizane ngesikhathi befika sekukhona asebehlala kuzo okungaziwa ukuthi bangena kanjani.

Isolezwe: Kulwe izithandani kwasha imijondolo

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5039103

Kulwe izithandani kwasha imijondolo

June 17, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

INGXABANO phakathi kwezithandani kuthiwa yiyo eholele ekusheni kwemijondolo elinganiselwa kweyikhulu kuKennedy Road eThekwini izolo entathakusa.

Ngokuthola kweSolezwe, owesifazane ohlala kule ndawo ubethi uyobheka isoka lakhe ngesikhathi efica ukuthi linomunye wesifazane.

Kuthiwa ube esevalela isoka ngaphakathi, walanda upharafini endlini yakhe wawuvuvuzela ngaphandle walayitha ediniwe.

Isolezwe: Bakhala ngentuthuko egqozayo abaseSiyanda

| | | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4935734

Bakhala ngentuthuko egqozayo abaseSiyanda

April 15, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

USIHLALO wophiko lweZindlu emkhandlwini weTheku, uMnuz Nigel Gumede, uthi abantu abaningi sebegcwala imigwaqo bakhale ngokugqoza kwentuthuko ngoba sekusondele isikhathi sokhetho kunokuthi balandele imigudu efanele.

UGumede ukusho lokhu emuva kokuthi amalungu enhlangano yaBahlali baseMjondolo eSiyanda begcwale umgwaqo izolo bamashela emahhovisi kaMasipala weTheku akwaMashu bekhala ngokugqoza kwentuthuko.

Isolezwe: Bathi sebekhathele yizindlu zamathini eMayville

| | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4912938

Bathi sebekhathele yizindlu zamathini eMayville

March 30, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

AMASHELE esiteshini samaphoyisa eCato Manor amalungu omphakathi wase-Old Dunbar, ku-Ward 30, eMayville, ekhala ngekhansela abathi alifuni ukuxhumana nabo.

Laba bantu bathi ikhansela labo uma belibiza benezinkinga alifiki futhi alikaze liwubize umhlangano womphakathi ukuze libatshele ukuthi izinhlelo zentuthuko zesihambe zafika kuphi.

Okunye abakhala ngakho wukuthi abanye babo sebenesi-khathi eside behleli ezindlini ezingamathini yize babethenjiswe ukuthi bazohlala kuzo izinyanga ezintathu bese bethuthelwa ezindlini zabo zomxhaso.

Isolezwe: Lusezithebeni zenkantolo elokuqedwa kwemijondolo

| | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4700564

Lusezithebeni zenkantolo elokuqedwa kwemijondolo

November 07, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUZOQHUBEKA namuhla enkantolo enkulu yaseThekwini ukulalelwa kwesicelo sokuthi kusulwe umthetho wokuqeda imijondolo kwaZulu Natal, i-Slums Act.

Lesi sicelo sifakwe yinhla-ngano eyaziwa ngokuthi Abahlali Basemjondolo kanti ukulalelwa kwaso kuqale izolo. Abantu abahlala ezindaweni eziyimijondolo ngaphansi kwale nhlangano bebegcwele ngaphandle kwenkantolo becula amaculo omzabalazo bezokweseka abameli babo.

Isolezwe: Babhikishile abadilizelwe imijondolo

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4675234

Babhikishile abadilizelwe imijondolo

October 23, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BANCAMELE ukulova emsebenzini izolo abantu abaqashile emijondolo yase-Bottle Brush eMoorton, eChatsworth, bagcwala umgwaqo babhikisha bekhala ngokuba ngumtshingo ubethwa ngubani njengoba kudilizwa imijondolo abaqashe kuyo.

Lo mphakathi obungaphezu kwenkulungwane uhlanganele ehholo lendawo ufuna abaholi bophiko lwezindlu kuMasipala weTheku ukuthi bazothatha uhla lwezikhalo zabo.

Isolezwe: Bebesho ukubakhipha ngodli ezindlini zomxhaso

| | | | | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4612884

Bebesho ukubakhipha ngodli ezindlini zomxhaso

September 16, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUSHUBE isimo eSiyanda, KwaMashu, eThekwini, izolo ngesikhathi abantu abahlala emijondolo yakule ndawo besho ukukhipha ngenkani abantu abebezofakwa ezindlini zomxhaso eziseKhulula ngase-Newlands West.

Amalungu omphakathi abedinwe eveva, ekhuza iziqubulo ezikhombisa ukungahambisani nokufakwa kwalaba bantu ezindlini, bebebabaza ukuthi bona namanje basahlala emijondolo, basalindile kodwa kukhona asebethola izindlu.

Isolezwe: Umunyu kuthunwa abahlanu abafa ngomlilo

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4552960

Umunyu kuthunwa abahlanu abafa ngomlilo

August 11, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BEKUWUSIZI lodwa ehholo lase-Cato Crest, eThekwini ngoMgqibelo, enkonzweni yokufihla amalungu amahlanu omndeni wakwaMaqhasha owabhubha ngesonto eledlule ngesikhathi umlilo ungqongqisa umjondolo wabo.

Kulesi sehlakalo kwaphinde kwashona owesifazane kanye nengane yakhe ababevakashile.

Amalungu omndeni wakwaMaqhasha ashona kubalwa uLuvuyo (14), uNoluthando (9), uMfundo (24), uPhezile (20) obenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe noSphelele (2) nababevakashile uZo Dlamini (31) nengane yakhe enezinyanga eziyisikhombisa.

Syndicate content