Category Archives: BAWINILE NGCOBO

Isolezwe: Kushone izingane kusha imijondolo

http://www.iol.co.za/isolezwe/kushone-izingane-kusha-imijondolo-1.1629499#.UtE8B_QW3Y4

January 8 2014 at 11:06am

BAWINILE NGCOBO

BASALE dengwane kusha imijondolo yabo esigamekweni okushone kuso izingane ezimbili zandawonye eGermany, eLamontville, izolo entathakusa.

Abantu ababalelwa ku-60 basale bengenamakhaya ngesikhathi kusha imijondolo engaphezulu kuka-20 .

Izolo abantu abebehlala kule ndawo bebeqoqene ngenhla kwemijondolo yabo eshile behlezi nezimpahla ezincane abakwaze ukuzikhipha.

Continue reading

Isolezwe: Kulwe izithandani kwasha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5039103

Kulwe izithandani kwasha imijondolo

June 17, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

INGXABANO phakathi kwezithandani kuthiwa yiyo eholele ekusheni kwemijondolo elinganiselwa kweyikhulu kuKennedy Road eThekwini izolo entathakusa.

Ngokuthola kweSolezwe, owesifazane ohlala kule ndawo ubethi uyobheka isoka lakhe ngesikhathi efica ukuthi linomunye wesifazane.

Kuthiwa ube esevalela isoka ngaphakathi, walanda upharafini endlini yakhe wawuvuvuzela ngaphandle walayitha ediniwe.

Kuthiwa lo wesilisa ukwazile ukuphuma emjondolo wakhe wabe esethinta amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa, uSuperintendent Vincent Mdunge, uthe ngesikhathi amaphoyisa kaMasipala naweSAPS efika kule ndawo amalungu omphakathi awajikijele ngamatshe, kwalimala amaphoyisa amabili akwa-Metro.

“Ngesikhathi kunokujikijela kusolakala ukuthi kukhona abanye abokhele umlilo kweminye imijondolo nokudale ukuthi umlilo ubhebhetheke. Owesimame uthathiwe ukuze aphoswe imibuzo,” kusho uMdunge.

Izolo emini abantu bakule ndawo bese beqalile ukuvusa imijondolo yabo ngamapula-ngwe abebehamba bewacosha kwezinye izindawo.

Bekukhala isipikili abantu beqongqotha izinkethe ezi-shile bezama ukuziqondisa.

UNksz Thombi Mkhwanazi uthe ubezilalele ngezithuba zehora lesibili entathakusa izolo ngesikhathi ezwa abantu bememeza bebanga umsindo bekhala ngomlilo oshayo.

Umengameli wenhlangano yaBahlali Basemjodolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe ba-ngaphezu kwenkulungwane abantu abasale dengwane.

UZikode uthe akazi lutho ngamaphoyisa alinyaziwe.

“Ngazi ukuthi abantu bebefuna ukumudla bamfele lo sisi okuthiwa ubezama ukushisa isoka lakhe. Amaphoyisa azame ukumvi-kela kwaba nesixakaxaka,” kusho uZikode.

Isolezwe: Bakhala ngentuthuko egqozayo abaseSiyanda

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4935734

Bakhala ngentuthuko egqozayo abaseSiyanda

April 15, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

USIHLALO wophiko lweZindlu emkhandlwini weTheku, uMnuz Nigel Gumede, uthi abantu abaningi sebegcwala imigwaqo bakhale ngokugqoza kwentuthuko ngoba sekusondele isikhathi sokhetho kunokuthi balandele imigudu efanele.

UGumede ukusho lokhu emuva kokuthi amalungu enhlangano yaBahlali baseMjondolo eSiyanda begcwale umgwaqo izolo bamashela emahhovisi kaMasipala weTheku akwaMashu bekhala ngokugqoza kwentuthuko.

Uthe babe nomhlangano eSiyanda emasontweni amathathu edlule lapho abantu bazwakalisa ukungathokozi ngendlela okusebenza ngayo uhlelo lokunikezelwa kwezindlu, ukungabibikho kukagesi namanzi.

“Sabachazela ukuthi uhlelo lusebenza kanjani emuva kwalokho azikho izikhalo engaphinde ngazithola kodwa siyanxusa ukuthi uma abantu benezikhalo ngezindlu nentuthuko bafike ehhovisi lami bazilethe ukuze sibheke ukuthi singabasiza kanjani,” kusho uGumede.

Usihlalo wekomidi laBahlali baseMjondolo lase Siyanda, uNkk Nomusa Nxumalo, uthe sekungokwesine bemasha behambisa uhlu lwezikhalo kusukela ngo-2006.

“Njengoba kwakhiwa umgwaqo onguthelawayeka lapha eSiyanda kwakuthiwa sizosuswa kodwa ngenxa yokuthi umgwaqo uncishisiwe sayekwa, manje inkinga ukuthi asitshelwa ukuthi sizoshoniswaphi,” kusho uNkk Nxumalo.

Uthe njengoba umgwaqo uzobiywa angeke bakwazi ukuthola izinto zokugibela uma beya emsebenzini.

“Sesisele sodwa esiqhingini esiseceleni komgwaqo. Izingane zethu zizoba nenkinga yokufinyelela esikoleni ngoba singaphesheya komgwaqo njengoba kubiyiwe,” kuchaza uNkk Nxumalo.

Uthe le ndawo abasele kuyo ayinawo amanzi njengoba anqanyulwa sekulungiselelwa ukwakhiwa komgwaqo kanti nogesi awukho.

“Sifuna ukutshelwa ukuthi sizokwenziwa njani thina njengoba sesisele kanje kungasashiwo ukuthi sizokwakhelwa kuphi izindlu. Asikwazi ukuhlala eceleni komgwaqo obiyiwe ngoba nezinto zokuhamba azisangeni lapho sihlala khona,” kusho uNkk Nxumalo.

Okhulumela amaphoyisa kule ndawo, uCaptain Phindile Nxumalo, uthe lo mphakathi ushise amathayi nomatilasi emgwaqeni uMalandela nakweminye emincane engenela eSiyanda kwadingeka ukuthi izimoto zisebenzise eminye imigwaqo.

“Akekho oboshiwe nolimele kanti amaphoyisa akwazile ukususa amathayi emgwaqeni, umgwaqo waphinde wavuleka,” kusho uCapt Nxumalo.

Isolezwe: Bathi sebekhathele yizindlu zamathini eMayville

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4912938

Bathi sebekhathele yizindlu zamathini eMayville

March 30, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

AMASHELE esiteshini samaphoyisa eCato Manor amalungu omphakathi wase-Old Dunbar, ku-Ward 30, eMayville, ekhala ngekhansela abathi alifuni ukuxhumana nabo.

Laba bantu bathi ikhansela labo uma belibiza benezinkinga alifiki futhi alikaze liwubize umhlangano womphakathi ukuze libatshele ukuthi izinhlelo zentuthuko zesihambe zafika kuphi.

Okunye abakhala ngakho wukuthi abanye babo sebenesi-khathi eside behleli ezindlini ezingamathini yize babethenjiswe ukuthi bazohlala kuzo izinyanga ezintathu bese bethuthelwa ezindlini zabo zomxhaso.

UNksz Sindi Khumalo uthe uneminyaka emibili ehleli emathi-nini kanti kuze kube manje akazi ukuthi yini evimbile ukuthi bayiswe ezindlini zabo abazithenjiswa.

“Le ndawo esihleli kuyo isehlane, ayiphephile ngoba awukho ugesi futhi kunobugebengu. Savuma ukuthuthelwa kuyo ngoba kuthiwa sizohlala khona izinyanga ezintathu kuphela kodwa namanje sisahleli akukho mnyakazo,” kusho uNksz Khumalo.

Abanye bebekhala ngokuthi ukuxhumana kwezindlu ezinga-mathini kwenza kube nzima nokuthi benze inkonzo yaseka-melweni ngoba bambondelene ndawonye nezingane futhi izindlu zincikene nokwenza ukuthi kuzwakale yonke into eyenzeka kwamakhelwane.

Okunye obekusohlwini lwezi-khalo wukuthi lezi zindlu ezakhiwa kule ndawo okuthiwa bazongena kuzo zincane kakhulu futhi zicinene kangangokuthi alikho igceke.

Obehola le mashi, uNksz Gugu Ngidi, uthe noma umuntu angashonelwa ngeke akwazi ngisho ukubeka itende. Uthe bafuna ukuthi izindlu zingancikiswa ndawonye ukuze bakwazi ukuzinezezelela ukuze zibe namakamelo amaningi uma bethanda.

UMnuz Mpumelelo Myeza, obethunywe yihhovisi likaSomlomo weTheku, uMnuz James Nxumalo, ukuthi azokwamukela uhla lwezikhalo zomphakathi, uthe uSomlomo uzobiza umhlangano nekhansela ukuze lichaze ukuthi kungani lingaxhumani nompha-kathi ngoba abantu balikhethela khona ukuthi libe ngumlomo wabo eMkhandlwini.

“Amakhansela akufanele kuphele izinyanga ezintathu engahlanganile nomphakathi ukuze achaze ukuthi zimi kuphi izinhlelo zentuthuko nokuthi alalele izikhalo zomphakathi,” kusho uMyeza.

Uthe bazobuyela emphakathini nezimpendulo engakapheli amasonto amabili.

UMyeza uhambile wayozibonela lapho kwakhiwa khona izindlu ezicinene.

Uthe kuyilungelo lamalungu omphakathi ukuthi uma kukhona okwenziwa amakhansela bengakuboni kahle ukuthi babike kuMasipala ukuze kulungiswe.

Isolezwe: Balale emnyango ababethenjiswe izindlu zomxhaso

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4897760

Balale emnyango ababethenjiswe izindlu zomxhaso

March 20, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUXABENE ubendle ezindlini ezingamathini eziseRichmond Farm ngaseLindelani njengoba ngoLwesibili kube khona abantu abakhishwayo kulezi zindlu balala emnyango, kwafakwa abanye abakhishwe emijondolo eseSiyanda lapho kwakhiwa khona umgwaqo onguthelawayeka.

NgoLwesibili abantu abese besele emijondolo yaseSiyanda bathuthelwe kulezi zindlu ukuze balindele ukungena izindlini zabo zomxhaso, kodwa bahlangabezana nembibizane ngesikhathi befika sekukhona asebehlala kuzo okungaziwa ukuthi bangena kanjani.

Abanye balaba bantu bathi bakhokha imali engu-R3 000 komunye wabasebenzi bekomidi elinikezela ngalezi zindlu ukuze bathole okhiye, kodwa akekho onento ebhalwe phansi ekhombisa ukuthi bakhokha.

Abanye bathi basuswa eSiyanda kwa-B ngoDisemba kwathiwa bazohlala kulezi zindlu izinyanga ezintathu bese bethuthelwa ezindlini zabo.

Ingu-16 imindeni elale emnyango ngoLwesibili emuva kokuthi befice izimpahla zabo sezisemnyango, ngoba sekufakwe abanye abantu.

UMnuz Molefe Manake (70), obebukeka esadidekile, uthe yena nomndeni wakhe balale emnyango kanti abazi nokuthi bazoshonaphi.

UManaka uthe balethwa yimoto ebusuku ngonyaka odlule kule ndawo bakhokha nemali.

UMnuz Joseph Chiliza uthe wakhokha u-R3 000 komunye amgagule ngegama nathe usebenza ehhovisi eligcina okhiye balezi zindlu.

“Ngivula ngokhiye engawunikwa emuva kokuthi ngikhiphe imali. Okusho ukuthi sasidlala umuntu njengoba sesingondingasithebeni namhlanje,” kusho uChiliza.

UNksz Thandeka Khathi uthe wasuswa eSiyanda kwa-B ngoDisemba kwathiwa bazoquba kule ndawo okwesikhashana.

“Angikhokhanga mali ukuze ngingene kule ndlu. Ngilove ngisho emsebenzini ngoba ngoLwesibili ngafika izimpahla sezisemnyango sekufakwe abanye abantu,” kuchaza uNksz Khathi.

UNksz Thembi Zungu ongeniswe endlini uthe balethwe kule ndawo ukuze bazolindela izindlu zabo.

Lokhu kulandela ukuthi emasontweni amabili edlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini ikhiphe isinqumo sokuthi Abahlali baseMjondolo baseSiyanda abethenjiswa izindlu kodwa bagcina bengazitholanga bafakwe ezindlini zamathini okwesikhashana bese benikwa izindlu zomxhaso kube kuqhubeka uphenyo lokuthi bangena kanjani abantu abangaziwa ezindlini okwakufanele bangene kuzo.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeZindlu ngaphansi kukaMasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede, ayiphumelelanga.