Category Archives: Isolezwe

Abayizwa eyokuyiswa eMkhomazi

http://www.iol.co.za/isolezwe/abayizwa-eyokuyiswa-emkhomazi-1.1586432#.Uk2vWIbI2VJ

 

Abayizwa eyokuyiswa eMkhomazi

By MNCEDISI GOGE

BATHI ngeke balubhade endaweni “yasemakhaya” eMkhomazi abantu abahlala ezindlini ezibizwa ngoLindela eSiphingo, yingakho besazoqhubeka nokuvala imigwaqo bashise amathayi.

Laba bantu bathi sebehlale iminyaka emihlanu kule ndawo njengoba uMasipala weTheku wabasusa eMlazi ngoba ufuna ukwakha inxanxathela yezitolo nenkundla yezemidlalo.

Bathi ngeke bayeke ukuvala umgwaqo ngamathayi njengoba bephinde bakususa lokho izolo ekuseni, kwaphoqeleka ukuthi abantu abanqamula kuwona basebenzise eminye imizila.

Laba bantu babehlaliswe kule ndawo ngethemba lokuthi bazokwakhelwa izindlu zomxhaso kodwa uma sekumele bayiswe lapho belungiselelwe khona indawo eMkhomazi, bashaya phansi ngonyawo bathi kukude neTheku.

UNksz Thulisile Nala (31) osekomitini laBahlali baseMjomdolo, uthe ngeke baye lapho kuthiwa abaye khona ngoba kusemakhaya.

Continue reading

Isolezwe: Basola ophethe isiteshi ngoshonile

http://www.iol.co.za/isolezwe/basola-ophethe-isiteshi-ngoshonile-1.1585132#.UkvA1dLTx34

 

ABANTU baseCato Crest basola umphathi wesiteshi saseCato Manor ukuthi nguye odubule intombazane eneminyaka engu-17 eshone ngesikhathi kunombhikisho izolo entathakusa.

Kulo mbhikisho kulimale uNksz Luleka Makhwenkwana ophuthunyiswe esibhedlela noNksz Thulisile Zide okuthiwa uqulekile, kwaboshwa nomholi wenhlangano yaBahlali baseMjondolo, uNksz Bandile Mdlalose.

UNqobile Nzuza (17), ofunda ugrade 10 eBonela High kuthiwa udubuleke kanye ngemuva kwesokunxele ngasehlombe inhlamvu yabhajwa ngaphakathi, washonela endaweni yesigameko.

Abebekhona kulo mbhikisho abathi bazibonele basola umphathi siteshi uColonel Mnganga okuthiwa ubengagqokile umfaniswano wamaphoyisa ukuthi nguye odubule uNqobile.

Bathi emuva kwesigameko ubonakale eseyoshintsha esefaka umfaniswano wakhe wamaphoyisa egaraji eliseduze.

NO BULEWE~1

 

 

Lezi zinsolo ziphikiwe okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Jay Naicker othe zingamampunge ngoba ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko uMnganga ubekwakhe elele singakashayi isikhathi sokuthi angene emsebenzini.

“Ufike endaweni yesigameko konke sekwenzekile. Lezi zinsolo ziyaphenywa uphiko lwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID),” kusho uNaicker.

Uthe abantu bakule ndawo bavale umgwaqo uBellair entathakusa ngo-4.

“Amaphoyisa aye kule ndawo afice umgwaqo uvaliwe. Ahambe angena komunye umgwaqo uHarcomb Gardens. Ngesikhathi engena kulo mgwaqo athole iqulu labantu abangu-500 liwalindile,” kusho uNaicker.

Uthe amaphoyisa ahlaselwe, kwashaywa imoto ngamatshe kwalimala amawindi. Ababhikishi uthe bavule izicabha zemoto bazama ukukhiphela ngaphandle amaphoyisa.

“Amaphoyisa ezwe kuqhuma isibhamu equlwini abona ukuthi azobulawa abe esedubula nawo ebhekise equlwini elihlakazekile, amaphoyisa abe esephulukundlela aphindela esiteshini eyocela usizo kwamanye amaphoyisa,” kusho uNaicker.

Uthe amaphoyisa esebuya athole abesifazane ababili abebelimele, omunye oyiswe esibhedlela, omunye eseshonile.

UMnuz Dumisani Nzuza uyise kaNqobile uthe ubelele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kodwa uzwa kuthiwa indodakazi yakhe ibilele kwafika omunye wayibiza beyobuka umbhikisho.

“Kuthiwa baqale bama kude kodwa wasondela efuna ukubonela eduze obekwenzeka. Amaphoyisa kuthiwa abahlakazile sekubalekwa wadubuleka. Ushonele phakathi nezindlu,” kusho uNzuza.

Uthe indodakazi yakhe ibiqala ukuya kobuka umbhikisho njengoba isivelelwe ishwa elingaka.

Izolo ekuseni umgwaqo uBellair ubuvaliwe kunamathayi. Abasebenzi bophiko lwemigwaqo kuMasipala weTheku bebematasa bekhuculula.