Category Archives: private security

IOL: Private security to fight eThekwini land invasions

http://www.iol.co.za/news/crime-courts/private-security-to-fight-ethekwini-land-invasions-1998144

Durban – eThekwini wants to use private security to help its land invasion unit combat illegal occupations – and it is willing to bypass regular tender processes to obtain their services.

“In the past few days, land invasion has been prevented in Umlazi – next to Mega City – Cato Crest and in a lot of other areas,” the city’s deputy manager for community and emergency services, Dr Musa Gumede, told Exco on Tuesday. Continue reading

Isolezwe: Ugogo (65) uboshelwe ukweba ugesi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4856882

Ugogo (65) uboshelwe ukweba ugesi

February 23, 2009 Edition 1

PHILI MJOLI

Isalukazi (65) saseClermont siboshelwe icala lendodana yaso ebifake ugesi womkokotelo.

Lo gogo onguNkk Getrude Cele obevakashele indodana yakhe emijondolo eku-Annet Drive, e-Reservoir Hills, eyaziwa ngokuthi iseKuthuleni akakakholwa namanje ukuthi ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngodaba angalwazi.

Lesi salukazi esibonakala asiphilile emzimbeni sithi saficwe abakwasidlodlo sisendlini yendodana yaso ngoLwesithathu emini bavele bathi asikhanyise ukuze babone ukuthi ukhona yini ugesi.

“Ngiciphize inkinobho zikagesi njengoba babesho wakhanya ugesi, base bethi angibalandele siye emotweni ngiyaboshwa ngoba ngintshontsha ugesi. Kwala sengichaza ukuthi ngivakashile futhi ngiyagula,” kusho uNkk Cele.

Uthi bake bathi ukumyeka kancane wadla wathi esethi ucela ukuphuza amaphilisi bathi useyowaphuza phambili.

Omakhelwane bewatshela amaphoyisa ukuthi abopha isivakashi, umnikazi womuzi usemsebenzini, avele athi abopha abantu abafice ezindlini.

“Sangena evenini nabanye besifazane ababili nabo abayizivakashi sayovalelwa esiteshini samaphoyisa.

“Kwaxega amadolo uma sengibona ukuthi ngempela ngizovalelwa ngawaphuza amaphilisi lawo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” kusho uNkk Cele.

Uthi wawaphuza kwaze kwakabili amaphilisi kodwa ukwethuka yikho okwamenza washayeka phansi ezibuza ukuthi angaboshwa kanjani esemdala kangaka esesaba nezinto ezimbi ahlale ezizwa kuthiwa ziyenzeka ezitokisini.

Uthi ubezibona ngamehlo engqondo elele ngezingubo okuthiwa zingcolile nokuhlukunyezwa ngezinye iziboshwa okuthiwa kuyenzeka.

Ukugula kwakhe mhlawumbe yikho okumsizile njengoba egcine ededelilwe kodwa abeboshwe oNksz Nomabandla Manqatha (28) noNksz Thembisa Maqabuka (18) bagcine belele esitokisini.

UNksz Manqatha uthi ubengakaqedi ngisho isonto efike kule ndawo ephuma eBhizana.

“Ngibhekene necala lokweba ugesi kanti imininingwane yebheyili yami ayivumi ukuthi ngiye kude.

“Bekufanele ngiphindele ekhaya kodwa sekufanele ngihlale kuze kuphele icala,” kusho yena.

UNksz Manqatha noMaqabuka bakhishwe yinkantolo yeMantshi yasePinetown ngebheyili ka-R500 umuntu emunye. Kulindeleke ukuthi babuyele kule nkantolo ngo-Ephreli 2.