Category Archives: Simphiwe Ngubane

Isolezwe: Kubulawe obehola eyabaseCato Crest

http://www.iol.co.za/isolezwe/kubulawe-obehola-eyabasecato-crest-1.1488076#.UUdFg326LMK

Kubulawe obehola eyabaseCato Crest

SIMPHIWE NGUBANE

LUTHATHE elinye igxathu udaba lombango wezindlu
zomxhaso eCato Crest, eMayville emuva kwesehlakalo
sokudutshulwa kufe obengumholi wenhlangano yabahlala
kule ndawo nomunye uzakwabo ,ngoLwesihlanu ebusuku.
UMnuz Thembinkosi Qumbelo obenguSihlalo weCato Crest
Residents’ Association noMnuz Sizwe Cele badutshulwe
ngabantu abangaziwa besendaweni yokucima ukoma
KwaNyambose eStop 4, bashonela khona lapho.
UQumbelo namalungu omphakathi bebesanda
kupotshozela Isolezwe ngomkhonyovu wokudayiswa
kwezindlu zomxhaso, okuthiwa kudla lubi kuleya ndawo. Lo
mkhonyovu udale uthuthuva ngoba abantu abasuswa
ezindaweni zabo ngesikhathi bebhidlizelwa imijondolo yabo
bethenjiswa intuthuko, befuna ikhansela namakomiti
omphakathi ukuba babahlinzeke ngezindlu ababathembisa
zona.
Kwenzeka lezi gameko nje, ikhansela lendawo uMnuz
Mzimuni Nzoyiya, libhacile njengoba kusanda kuhlaselwa
umuzi walo namahhovisi elisebenzela kuwona. UNzoyiya uthe isimo asisihle kuleya ndawo kukhona abantu
abangafuni ukusuka enkundleni yezemidlalo ababuthanele kuyo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko sokusocongwa kwabafi,
wathi kuvulwe amacala amabili okubulala, kukhona muntu oboshiwe.
“Ayikaziwa imbangela yokubulawa koQumbelo kodwa amaphoyisa alandela umkhondo, aphenya kabanzi ngalolu
daba,” kusho uZwane.
Omunye wabebekade besondelene nomufi, osinde edutshulwa, utshele leli phephandaba ukuthi ukubulawa
koQumbelo kuhlobene nombango wezindlu oqhubekayo eCato Crest. Le ndoda ecele ukuba ligodlwe igama layo
ihlaselwe ngoLwesine ebusuku, yadutshulwa ngemvula yezinhlamvu kodwa yasinda. Kumanje iyelashwa
esibhedlela.
“Kunabantu esibakhiphe ezindlini zomxhaso abese bengene kuzona ngodli ngoLwesithathu ebusuku, abagcine
sebesisongela ngokuthi bazosibulala. Abanye babo baphume kule zindlu bayongena emaflethini akhiwayo belokhu
beqhubekile nezinsongo zokuthi bazosibulala kanti akuzophela sikhathi esingakanani ngoLwesine ezintatha
bangidubula. Ngakusasa badubule uQumbelo, ngeshwa washona,” kusho owesilisa othe abahlaseli bamshiya
bezitshela ukuthi ufile.
Ikhansela le-DA uMnuz Hlanganani Gumbi lithe ukube amakomiti abakhipha kahle abantu emijondolo ababehlala
kuyona, afeza izethembiso azenza, ngabe igwemekile le nto yokudliwa komhlaba.
Uthe bayixwayisa iMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo noSihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu kumasipala
uMnuz Nigel Gumede ngokwakwenzeka eCato Crest kuhlukunyezwa abantu ngonyaka odlule kodwa bazithela
ngabandayo.
“Sabacela ukuthi abatholele abantu izindlu zesikhashana ngesikhathi besalinde izindlu zabo kodwa kwangenzeka.
Sinxusa abantu ukuba bangenzi okuphambene nomthetho balandele imigudu esemthethweni ukuzwakalisa izikhalo
zabo,” kusho uGumbi.