Category Archives: Zulu

Amakhansela ayingozi, sesiyawesaba: Zikode

Mhlengi Shangase, Isolezwe

UMENGAMELI waBahlali baseMjondolo, uMnuz S’bu Zikode
UMENGAMELI waBahlali baseMjondolo, uMnuz S’bu Zikode (osesithombeni), uthi sebeyawasaba amakhansela ngoba aseyingozi emphakathini. 

UZikode, obefakaza kwikhomishini ephenya ngokubulawa kosopolitiki eyajutshwa nguNdunankulu uMnuz Willies Mchunu, uthe akubona kuphela abahlali abasaba amakhansela kodwa nomphakathi ngoba asephenduke abantu abangenanembeza.   Continue reading

Isolezwe: Basola onogada bakamasipala ngobulewe ngesihluku

NONTUTHUKO NGUBANE, Isolezwe
UMPHAKATHI wasemaNsenseni, eDassenhoek, ngaphandle kwaseThekwini ukhala ngesihluku sonogada bakamasipala okuthiwa badubule babulala owesilisa ngesikhathi bezodiliza imijondolo. 

UMnuz Samuel Hloele (29) ushonele kule mijondolo izolo ekuseni emuva kokudubuleka ebusweni nasemhlane.

Kulesi sigameko kulimale kanzima abanye besilisa ababili.

Umfowabo kamufi uMnuz Samkelo Sizane uthe bafuna onogada abadubulile baboshwe.  Continue reading

Isolezwe: Basole ikhansela ngemixhaso bedla umhlaba

S’Mangele Zuma, Isolezwe

BABHODLA umlilo abahlali basemijondolo esePuntan’s Hill, eSpringfield, eThekwini ngekhansela abathi libaqashisa imijondolo.

Laba bahlali bavuke umbhejazane ngeSonto ngenkathi bevinjwa ngonogada bakamasipala ukwakha ngenkani imijondolo kule ndawo.

Yize bebevinjwa kepha izolo babhushe ihlathi, bamba neziza zokwakha ngenkani kule ndawo.

Laba bathi sebekhathele yikhansela labo, uMnuz Bhekisisa Ngcobo, abalisola ngokuthi seliphenduke umasitende ngokubaqashisela imijondolo. Continue reading

KZN Eyethu: Ziyanda izigameko zokubulawa kwabantu kwaNdengezi

http://eyethunews.co.za/14087/ziyakhula-izigameko-zokubulawa-kwabantu-besemizini-yabo-kwandengezi/

Nkululeko Khati

KUDUTSHULWE kwabulawa umakhelwane wekhansela lakwawadi 12 uMnuz Mobeni Khwela (46) KwaNdengezi ngoLwesithathu ebusuku.

Kuthiwa uKhwela obengagqamile kwezepolitiki uhlaselwe abantu abangaziwa ekwakhe ebusuku ngo-7.30.

Bamdubule amahlandla angu-7 washonela endleleni eya esibhedlela ngemumva kokubizelwa i-ambulensi.

Kuvele nokuthi udubuleke ethangeni nasemlenzeni uKhwela.

Leliphephandaba like labika phambilini ngokudutshulwa kwabulawa uNks Thuli Ndlovu (38) ngenyanga edlule ebusuku ekwakhe kuyo lendawo. Continue reading

Padkos: Pan-African Heritage of Struggle – Firoze Manji on Amilcar Cabral (24 September)

Church Land Programme is privileged to host Firoze Manji on Heritage Day, 24th September, from 10:30am till lunchtime at the CLP office.

Firoze Manji, of the Pan-African Baraza, has recently co-edited an amazing book on Amilcar Cabral – “revolutionary, poet, liberation philosopher, and leader of the independence movement of Guinea Bissau and Cape Verde” (Manji, 2013). Based on that new book, Claim No Easy Victories: The Legacy of Amilcar Cabral (co-edited with Bill Fletcher Jr. and published to mark the 40th anniversary of Cabral’s assassination), Firoze will share some thoughts on the heritage of Cabral’s political thought and praxis for us here and now.  Firoze and his colleagues have been gracious hosts and key supporters of emancipatory struggles from our corner of the African continent, and it’s a real pleasure to re-connect with him. Continue reading