Isolezwe: Bayolwa noMnyango enkantolo abahlali basemjondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4810541

Bayolwa noMnyango enkantolo abahlali basemjondolo

January 26, 2009 Edition 1

GCWALISILE KHANYILE

LUYA eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili udaba lwemindeni engu-50 ehlala emijondolo eSiyanda KwaMashu, eThekwini. Laba bahlali baseMjondolo bazobe bephikisa isinqumo senkantolo sokunika uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal igunya lokuthi ubasuse lapho bakhe khona uyobabeka kwenye indawo.

Okhulumela inhlangano Abahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe bazobe bephelele ngobuningi babo ngoba abahambisani nokuthi umnyango ususe abantu kule ndawo abakuyo ekubeni bungakenziwa ubulungiswa. Laba bahlali basuswa nje yingoba umnyango ufuna ukwakha umgwaqo onguthelawayeka omusha u-MR577 kule ndawo okukhona kuyo imijondolo. Abahlali bakhala ngokuthi akusenzeki njengoba kwakuvunyelwene lapho babethenjiswe ukuthi bazothola izindlu ezisesimweni esifanele ngaphansi kohlelo iKhulula Housing Project.

“UMnyango wehlulekile ukufeza izethembiso owazenza phambilini zokuthi abantu baseSiyanda bazonxeshezelwa ngezindlu ezisesimweni esifanele uma besuswa endaweni yabo,” kusho uZikode. Uqhube wathi umkhonyovu wokudayiswa kwezindlu yiwo odale zonke lezi zinxushunxushu, abantu abafanele bagcina bengazitholile izindlu.

Uthe uhulumeni usethi abantu abayohlala kweminye imijondolo enegumbi elilodwa ayakhile, nathe lokho ngeke bakuvume njengoba besafuna afeze isethembiso sakhe. “Abantu abaningi baseSiyanda banezindawo ezinkulu emijondolo yabo njengoba eminye inamagumbi amahlanu, abanye banezindawo zokutshala nokufuya manje uma beya endaweni eminyene kuzoba nzima ukuziphilisa,” kusho uZikode. Uthe bafuna ukuthi uma uhulumeni ebasusa abafake ezindlini hhayi ukuthi ayobalahla emathinini futhi bazimisele ukubambisana naye ukuphenya umkhonyovu wokuthengiswa kwezindlu.

“Sinobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi izindlu zadayiselwa obani, ngobani, sifuna uhulumeni aphenye ngalolu daba,” kuphetha uZikode.