Abayizwa eyokuyiswa eMkhomazi

http://www.iol.co.za/isolezwe/abayizwa-eyokuyiswa-emkhomazi-1.1586432#.Uk2vWIbI2VJ

 

Abayizwa eyokuyiswa eMkhomazi

By MNCEDISI GOGE

BATHI ngeke balubhade endaweni “yasemakhaya” eMkhomazi abantu abahlala ezindlini ezibizwa ngoLindela eSiphingo, yingakho besazoqhubeka nokuvala imigwaqo bashise amathayi.

Laba bantu bathi sebehlale iminyaka emihlanu kule ndawo njengoba uMasipala weTheku wabasusa eMlazi ngoba ufuna ukwakha inxanxathela yezitolo nenkundla yezemidlalo.

Bathi ngeke bayeke ukuvala umgwaqo ngamathayi njengoba bephinde bakususa lokho izolo ekuseni, kwaphoqeleka ukuthi abantu abanqamula kuwona basebenzise eminye imizila.

Laba bantu babehlaliswe kule ndawo ngethemba lokuthi bazokwakhelwa izindlu zomxhaso kodwa uma sekumele bayiswe lapho belungiselelwe khona indawo eMkhomazi, bashaya phansi ngonyawo bathi kukude neTheku.

UNksz Thulisile Nala (31) osekomitini laBahlali baseMjomdolo, uthe ngeke baye lapho kuthiwa abaye khona ngoba kusemakhaya.

NO isipingo1

 

 

UNksz Thulisile Nala osekomidini labahlala ko Lindela eSipingo echaza ngesigameko sokushisa amathayi abevale umgwaqo omkhulu entathakusa. Isithombe: PATRICK MTOLO

INLSA

“Bathe sizoya eMkhomazi, asiyi thina lapho. Ngeke basisuse ezindaweni zethu sizihlalele kamnandi bese bethi asiye emakhaya koMkhomazi. Sifuna basitshele kahle ukuthi eCornubia kunani khona ngoba bethi asiye emakhaya nje, sifuna ukwazi ngoba ngeke siye lapho,” usho kanje.

UNkk Zama Sithole (37) yena uthe ngeke bakuyeke ukubhikisha ngoba umasipala iwona oweza kubona bezihlalele wabasusa.

“Inkinga yethu ukuthi seza lana sizohlala izinyanga eziyisithupha kodwa manje sekuphele iminyaka emihlanu. Ibona abeze kuthina sizihlalele,” kusho uNkk Sithole.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Thabo Mofokeng, uthe abantu kumele babekezele ngoba akusiwona wonke umuntu ozoya kule ndawo abayifunayo. Uthe indaba yokuthi kulinyazwe impahla kamasipala ibambezela ukuthi abantu bathole usizo.

“Abantu kufanele bakwazi ukuthi iCornubia ngeke izixazulule izinkinga zabo. Banelungelo lokubhikisha kodwa iyakhathaza indaba yokuthi kube nodlame okuyinto esingahambisani nayo. Abalimazi umasipala kodwa bazilimaza bona,” kuxwayisa uMofokeng.

Ubesho lokhu ebhekise ekushisweni kwendlu yokugcina izimpahla zikamasipala khona eSiphingo okwenzeke ngoLwesihlanu ngesikhathi umphakhathi uvuka umbhejazane ufuna ukushisa umtapo wolwazi.