Isolezwe: Kushone izingane kusha imijondolo

http://www.iol.co.za/isolezwe/kushone-izingane-kusha-imijondolo-1.1629499#.UtE8B_QW3Y4

January 8 2014 at 11:06am

BAWINILE NGCOBO

BASALE dengwane kusha imijondolo yabo esigamekweni okushone kuso izingane ezimbili zandawonye eGermany, eLamontville, izolo entathakusa.

Abantu ababalelwa ku-60 basale bengenamakhaya ngesikhathi kusha imijondolo engaphezulu kuka-20 .

Izolo abantu abebehlala kule ndawo bebeqoqene ngenhla kwemijondolo yabo eshile behlezi nezimpahla ezincane abakwaze ukuzikhipha.

Akucaci ukuthi umlilo oshise izindlu zabo uqalwe yini.

Kulesi sigameko kushone uZinhle Ngcobo (7) nomfowabo uNtando (5).

UZinhle ubefunda eNtuthukweni Primary.

Ugogo wabo obelele kwenye indlu ngesikhathi abazukulu bakhe besha bengqongqa, uNksz Zibuyile Ngcobo, uthe ubelele ngesikhathi ezwa enye ingane yakhe ikhala kakhulu ingasho ukuthi kwenzenjani.

“Ngibe sengiphuma endlini ngiyilandela kwathi uma ngiqhamuka ngasendlini yendodakazi yami ngabona amalangabi eseyizungeze yonke indlu,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe akuphumanga lutho endlini njengoba amalangabi abesha ubuhanguhangu.

“Ingane yami izwe izingane zikadadewabo zikhala yazama ukungena ngewindi ukuze izisize kodwa yahluleka. Indodakazi yami yona ishe esiphongweni kulo mlilo yaya emtholampilo,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe kushe konke abebenakho kule ndawo asebehlale kuyona iminyaka eyishumi.

Kuvele ukuthi abantu abaningi bese bethengele izingane imifaniswano yesikole nayo ebe wumlotha sekusha umlilo.

“Kwayimina nje bengikade ngiyonezezela imifaniswano ngoMgqibelo. Sekushe yona le emisha nemidala ebivele ikhona. Siyaludinga kakhulu usizo njengoba sisele nesikugqokile,” kuchaza uNksz Ngcobo.

Uthe akazi ukuthi yini edale umlilo ngoba indodakazi yakhe ayilikhanyisi ikhandlela inelambu lengilazi.

Kule mijondolo kukhona eyakhiwe ngokhethe neyakhiwe ngamapulangwe.

UMasipala wasiza abantu ngothayela wokwakha ngo-2008 emuva kokuthi imijondolo yabo ishe komunye umlilo owadalwa yikhandlela.

UMasipala weTheku uthe uzolekelela abashelwe ngezingubo nokudla kanti abakwaSouth African Social Services Agency (Sassa) bazolekelela abantu bashaye amapasi nezitifiketi.