Inkondlo

INKONDLO

 

Isihloko sithi izithembiso ezingafezekanga

Salinda! Salinda!

Ibanga elingaka sinomlando omngaka,

kuthina inkululeko ayifikanga, sikhathele

ilamaqabane azenza inkinga. Sicela inkululeko yethu ukuze

nelokishi lethu liphenduke UMhlanga Rocks.

Oyosikhulula siyomthanda njengo Rick Rocks

Abazi umnotho, kuthina bekungakaveli lutho.

Salinda! Salinda!

Singabahlali bendawo

Salinda! Salinda!

Singabahlali bendabuko

Salinda! Salinda!

Singabahlali kulelizwe

 

Kanti eyethu inkululeko sizoyithola nini?

Mabe linde kuze kuse kanti kuyokusa nini?

Iminyaka engamashumi amambili,

Eyethu Inkululeko asikayitholi namanje,

Eyethu intuthuko asikayitholi namanje

 

Salinda! Salinda!

Singabahlali bendawo

Salinda! Salinda!

Singabahlali bendabuko

Salinda! Salinda!

Singabahlali kulelizwe

 

Lapho sokhululeka lolosuku kuyoba olomgubho,

Lapho kokhala imbomu,

uZama uyophakama nombhobho ahaye enye inkondlo.

Ngoba loko kobe kusitshengisa ukuthi sizindlondlo,

Futhi soyilungela eyethu indondo

Inkululeko yethu bayikhomba umkhondo.

Kushunqe iyinhliziyo kuphenduke indlu yesonto,

Kodwa ekugcineni uyosebenza umvuzo

 

Salinda! Salinda!

 

IBHALWE UZAMA WASE CATO CREST