KZN Eyethu: Ziyanda izigameko zokubulawa kwabantu kwaNdengezi

http://eyethunews.co.za/14087/ziyakhula-izigameko-zokubulawa-kwabantu-besemizini-yabo-kwandengezi/

Nkululeko Khati

KUDUTSHULWE kwabulawa umakhelwane wekhansela lakwawadi 12 uMnuz Mobeni Khwela (46) KwaNdengezi ngoLwesithathu ebusuku.

Kuthiwa uKhwela obengagqamile kwezepolitiki uhlaselwe abantu abangaziwa ekwakhe ebusuku ngo-7.30.

Bamdubule amahlandla angu-7 washonela endleleni eya esibhedlela ngemumva kokubizelwa i-ambulensi.

Kuvele nokuthi udubuleke ethangeni nasemlenzeni uKhwela.

Leliphephandaba like labika phambilini ngokudutshulwa kwabulawa uNks Thuli Ndlovu (38) ngenyanga edlule ebusuku ekwakhe kuyo lendawo.

Ikhansela lakulendawo uMnuz Mduduzi Ngcobo uthe liphezulu izinga lobugebengu kulendawo.

Unxuse amaphoyisa ukuba abambisane nomphakathi njengoba ethe awawenzi ngendlela egculisayo umsebenzi wawo.

Uthe awezi noma ebizwa kuze kusize wakwezinye iziteshi uma kunesigameko esenzekile, kanti uveze nokuthi ukubulawa kuKhwela akuhlangene nepolitiki.

Nakuba kuvelile ukuthi kuvulwe icala lokubulala kodwa umphathisiteshi sakulendawo uLeutenant Colonel Clive Myburg akathandanga ukuphawula ngokushiwo yikhansela.

Ucele ukuba kuthintwe uKaputeni Thulani Zwane wehhovisi lesifundazwe.