Isolezwe: Basole ikhansela ngemixhaso bedla umhlaba

S’Mangele Zuma, Isolezwe

BABHODLA umlilo abahlali basemijondolo esePuntan’s Hill, eSpringfield, eThekwini ngekhansela abathi libaqashisa imijondolo.

Laba bahlali bavuke umbhejazane ngeSonto ngenkathi bevinjwa ngonogada bakamasipala ukwakha ngenkani imijondolo kule ndawo.

Yize bebevinjwa kepha izolo babhushe ihlathi, bamba neziza zokwakha ngenkani kule ndawo.

Laba bathi sebekhathele yikhansela labo, uMnuz Bhekisisa Ngcobo, abalisola ngokuthi seliphenduke umasitende ngokubaqashisela imijondolo.

Bathi bakhathele wukuhlala ngokuminyana nokukhokha irenti ekubeni kukhona umhlaba ongasebenzile.

Izolo umholi womphakathi uMnuz Themba Mkhize (41) uthe akukho okuzobavimba ekutheni bakhe ehlathini ngoba sebekhathele wumasipala osubabambise udonga iminyaka engaphezu kweshumi.

“Onogada bakwamasipala abajabule ngoba sisababalekela uma sibabona kodwa mabazi ukuthi asizimisele ngokubaleka unomphelo. Ikhansela uNgcobo ngelokugcina nje ukuhamba likhuluma ngathi kwabezindaba lithi sidla umhlaba kamasipala ngoba nalo linezindaba zalo. Kweminye imijondolo eseduze eBurnwood, usanda kuvula indawo entsha yokwakha kodwa thina ngalana uthule nje,” usho kanje.

Ngesikhathi Isolezwe liye kule ndawo izolo, laba bahlali abebematasa bemba iziza bathe okubathukuthelisa kakhulu wukuthi uNgcobo akaphumeli obala ngokuthi izindlu bazokwakhelwa nini kepha ulokhu ethatha imali ngokubaqashisa imijondolo.

UMnuz Mazwi Mqadi (35) obematasa nepiki emba isiza sakhe uthe usekhathele wukukhokha irenti yingakho evume ngo-elethu uma kuqhamuka isiphakamiso sokuthi makumbiwe ehlathini, kwakhiwe ngenkani.

“Angisebenzi, okwenza ukuthi ngibikelwe njalo uma sekuzophela inyanga ngoba ngisuke ngazi ukuthi umasitende wami uzoyifuna la imali yakhe. Kade sasivinjwa ukuthi singakhi imijondolo ngoba kuthiwa kuzovimba intuthuko. Laba abadla izambane likapondo esakhe eduze kwabo mabayeke ukuthi sehlisa intengo yezindlu zabo ngoba ukwakha kwethu akuhlangene nabo. Uma benenkinga mabathuthe kule ndawo,” kusho uMqadi.

Ngesikhathi ethintwa uNgcobo uphikile ukuthi uqashisa ngemijondolo.

“Bangiqambela amanga nje laba bantu. Uyazi njengoba isimo sesisibi kangaka kuleya ndawo abantu sebezokhuluma noma yini. Ikhona imixhaso endaweni kodwa ayisabonakali ngenxa yabanikazi bezindlu abagcwalise imijondolo abaqashisa ngayo emagcekeni abo. Abaqashi abalona utaku lwethu. Sinezinhlelo zokwakhela abasala. NgoMgqibelo sizoba nomhlangano, sichazele umphakathi ngezinhlelo,” kusho uNgcobo.

Okhulumela umasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa uthe ngeke bakubekezelele ukudliwa komhlaba kamasipala.

“Ukukhishwa kwabantu kusuke sekuyisisombululo sokugcina esigunyazwe yinkantolo. Abasebenzi bethu bahlaseliwe bashaywa ngamatshe bezama ukususa abebakha ngokungemthetho,” kuchaza uNksz Mthethwa.