Isolezwe: Imijondolo ‘izoba umlando’ KwaZulu-Natal

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3897169

ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal sibe ngesokuqala kuleli ukuphasisa umthetho ohlose ukuqeda nya ukuvumbuka kwemijondolo emisha kulesi sifundazwe izolo.

Lo mthetho obizwa ngeKwaZulu-Natal, Elimination and Prevention of Re-emergence of Slums Act, wethulwe phambi kwesiShayamthetho nguNgqongqoshe weZezindlu, uMnuz Mike Mabuyakhulu (osesithombeni). Ugcine ukwazile ukuphasiswa yize izinhlangano zabahlali basemijondolo bezisabise ngokuthi lolu daba zizolufaka enkantolo.

Izolo kuvele ukuthi bangaphezulu kuka-350 000 abantu abahlala emijondolo kulesi sifundazwe, kanti ingxenye yabo yilabo abasedolobheni eThekwini. Kuthiwa laba bantu akufanele bande kulesi sifundazwe, yingakho kufinyelelwe esivumelwaneni sokuthi akuncishiswe ukwanda kwabo.

Lo Mnyango kaMabuyakhulu uthi uzimisele ukwenza ngcono isimo senhlalo yabantu nokufeza iphupho lokuqeda imijondolo ngonyaka ka-2014.

Wonke amaqembu kwisiShayamthetho avumelene ngazwi linye ukuthi lo mthetho uzosiza ngokuvimbela ukungena ngodli emihlabeni okungafanele usetshenziswe.

“Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha kuyomele omasipala bakwazi ukuthi babe nohla lwemijondolo yabantu abahlala kuyona ukuze sisazi isibalo sayo futhi sikwazi nokuthi sihlele kahle uhlahlo lwezimali,” kusho uMabuyakhulu.

Uzwakalise nokwethemba ukuthi lo mthetho uzoba wusizo kulesi sifundazwe, wagcizelela ukuthi awuhlosile ukuhlukumeza abantu kodwa uhlose ukwenza ngcono ilungelo labo eliqukethwe kuMthethosisekelo, lokuthi wonke umuntu unelungelo lokukhosela endaweni ephephile.

“Lo mthetho ukhombisa ukukhula nokuthi uhulumeni walesi sifundazwe uzimisele ngokunakekela abantu nokuthi uphucule izindawo ezihlala abantu kulesi sifundazwe” kusho ilungu lesiShayamthetho elimele iNadeco, uSolwazi Jabulani Maphalala.

Eqhuba uSolwazi uthe kufanele kubuye kubuyekezwe indlela izindlu zemixhaso ezinikwa abantu ezakhiwa ngayo, ukuthi abantu banezingane nazo ziyakhula “ziyathomba” nokudinga ukuthi nazo zibe nendawo zokuhlala.

Kanjalo ne-IFP ne-DA abazange bawuphikise lo mthetho.

Phezu kokuba lo mthetho uhlose ekuvimbeni ukuvumbuka kwemijondolo emisha, uphinde uphokophele ekuqedeni naleyo ekhona kumanje.

Okhulumela inhlangano ebizwa ngokuthi Abahlali baseMijondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe kuyacaca ukuthi iziphakamiso zabo zishaywe indiva njengoba lo mthetho uphasisiwe ngaphandle kwemibandela, nokho waveza ukuthi basazohlala phansi balubheke lolu daba.