Ayikho intando yeningi la

Ayikho intando yeningi la

– uRichard Pithouse

Ibhaxabulwe kabi intando yeningi eThekwini ngesonto eledlule. Isiswebhu
sokuqala ingenkathi umasipala waseThekwini enqabela ikomiti lase Foreman
Road Development ukumasha.Lelikomiti belikhethelwe ukumela izakhamuzi
zasemjondolo wase Foreman Road. Lelithimba kanye nemanye amakomiti eyishumi
nanhlanu ezakhamuzi zihlanganyele kuAbahlali baseMjondolo
okungumkhukhulelangoqo wenhlangano eke yahlela ngaphambilini amamashi
abesuke eKennedy Road nase Quarry Road. Wonke lamamashi abenokuthula.
Imashi yaseForeman Road ibihlelwe uMsombuluko wangomhlaka 14 November.
Ikomiti ibisihlelile zonke izimfanelo ezidingwa abezomthetho uma kuzobakhona
imashi kusenesikhathi. Kodwa sekusele izinsuku ezintathu yenzeke imashi,
ikomiti lathola umbiko owafika ngesikhahlamezi ovela kumasipala othi imashi
“ayivunyelwe”. Zimbili izizathu ezabekwa ngokungavunyelwa kwemashi.
Esokuqala sasithi “Abaphathi basehovisi likaSobaba/leMeya alinambiko
eliwutholile ovela kwinhlangano yenu”. Esesibili sasithi “Ihovisi
likaSobaba/leMeya ngeke likwazi ukunisiza futhi akekho oyokwazi ukuhlangana
nani”. Ihovisi lomphathi wedolobha uMike Sutcliffe yilona elimelene
nokuhlela izicelo zokwenza imashi esemthethweni.

Inhlangano Yokukhuluma Ngokwenkululeko ikhiphe isitatimende esigxeka
uSutcliffe ngokunqaba ukuthi imasho ibekhona njengoku “ngahloniphi
uMthethosisekelo kanye noMthetho Olawula Ukuhlangana”. Lesisisitatimende
siqhubeke sachaza ukuthi izizathu ezikhishwe umasipala ngokunqabela lemashi
bezingekho emthethweni futhi azinasabelo.

Ngelanga okwakuhlelwe ngayo imashi cishe abantu ababalelwa kwizinkulungwane
ezintathu bahlangana emjondolo yaseForeman Road. Abantu batshelwa ukuthi
imashi yenziwe yangabikho emthethweni kwase kuhlelwa ukuthi kube khona
umhlangano emjondolo. Kodwa inqaba yabantu banquma ukuthi ngeke bamukele
ukuhlaselwe ilungelo labo ngakho-ke bazomasha ngokuthula. Lokhu kwakufana
nomlando wokubhikilisha ngokuthula ngesikhathi sombuso wengcindezi
ngaphandle kokucekela phansi imiphefumulo namo izimpahla zabanye abantu.
Abamashayo, ikakhulukazi abesimame, bahamba-ke becula benyuka umgwaqo
wobhuqu onyukayo obaphumelisa ngaphandle kwasemjondolo. Ngenkathi sebengene
kuLoon Road bahlangabezana namaphoyisa. Ngaphandle kokubaxwayisa,
abakwasigonyela bavela babasukela bababopha abanye bebashaya okwadala ukuthi
abanye balimale kanzima. Izifundiswa kanye nezintatheli zasatshiswa ngodlame
uma zike zabika ezikubonile. UCarvin Goldstone wephephandaba iMercury
wasatshiswa nguSuperintendent Glen Nayagar wase Sydenham Police Station
kwathi uRaj Patel, wasenyuvesi yaKwaZulu-Natal waphucwa ikhamera nguNayagar.

Isihluku sokuhlasela kwamaphoyisa, sithuse abaningi ezweni kanye nakulabo
abasemazweni aphesheya ngenkathi bekubona ezithombeni nakomabonakude.
Inhlangano Yokukhuluma Ngokwenkululeko ikhiphe isitatimende “igxeka
ukungahlonishwa kwamalungelo abantu abampofu okwenziwe ngumasipala
waseThekwini”. Lesisitatimende sichaze izenzo zamaphoyisa ngokuphula
umthetho ngezizathu ezimbili. Okokuqala abazange babaxwayise abantu ukuthi
bahlukane ngaphambi kokubahlaselabese kuhti okwesibili asikho isizathu
esisemthethweni ngodlame amaphoyisa alusebenzisa ngenkathi ehlasela.
Ukusabisa izintatheli nokuthathwa kwekhamera nakho futhi kwakungekho
emthethweni.

UGoldstone usekubikile ngokusemthethweni ukusatshiswa kwakhe nguNayagar.
UPatel, kanye noSystem Cele, owesifazane oneminyaka eyishumi
nesishagalolunye owaphulwa amazinyo angaphambili ngenkathi kuhlasela
amaphoyisa, bazamile , ngaphandle kokuphumelela ukubika ngokusemthethweni
ne-Internal Complaints Directorate (ICD). Lenhlangano okubikwa kuyona
ukungaziphathi kahle kwamaphoyisa bafuna kuqala inamba yecala ngaphambi
kokuba baseshe isikhalo. Kodwa amaphoyisa anqabe aphetha ukuvula icala
lokweba nokushaya ngenkathi uPatel no Cele beya kobika.

Ngenkathi amaphoyisa eshaya abantu behla ngomgwaqo oyibhuqu ongenela
emjondolo kuForeman Road omunye umuntu wamemeza wathi “Anikwazi ukwenza
lokhu kithi. Siphila kuhulumeni wentando yeningi”. Iphoyisa uSwart
waphendula wathi “Ayikho intando yeningi la”. Wayeqinisile ngempela. Izenzo
zamasebenzi bakahulumeni njengoSutcliffe noNayagar zikuveze ngokusobala
ukuthi amalungelo entando yeningi uzwe eliwanika abacebile, nabaphila kahle
kanye nezisebenzi ngeke adlulele kulabo abanhlwempu abahlala emjondolo.

Kunentando yeningi ezakhiweni eziningi zasemjondolo. Intando yeningi abantu
abazakhele yona. Intando yeningi yokuzikhethela amakomiti kanye nokuvama
kwemihlangano lapho noma ngabe ubani angakhuluma. Lentando yeningi
esisabalele isidale inhlangano yabahlali basemjondolo efuna ukuqinisekisa
ukuthi izethembiso ezenziwe kubahlali basemjondolo kumele zigcinwe. Abafuni
ukubusa ngokwezepolitiki kodwa bakhonela ukuthi kufanele kuphele ukweswela
izidingoqangi kubantu abahlala emjondolo.Kokuningi lesisimo senziwa sanzima
kakhulu ngumasipala waseThekwini ngokususa izinsiza ezithile kanye
nokwesatshiswa ngokususwa ngenkani kulezakhiwo kwabantu bayiswe emaphandleni
lapho kungenamathuba omsebenzi.

Kodwa umangabe abampofu bebemasha ngokuthula bayathukwa, bahlukumezeke futhi
bashaywe. Batshelwa ukuthi kuneqembu elicashile i ‘Third Force’ ngemuva
kwemibhikisho noma basetshenzinswa ngabantu bangaphandle. Lokhu kuchaza
ukuthi abampofu abakwzi ukuzicabangela noma ukuzenzela. Lokhu
kungubandlululo olwalusetshenziswa uhulumeni wobandlululo lapho enqaba
ukubhikisha. Iqiniso ukuthi Abahlali base Mjondolo iyinhlangano ebuswa
ngentando yeningi futhi ephethwe ngamavolontiya engaxhaswe ngazimali
eziqhamuka ngaphandle. Kodwa ukwethukwa enye into. Ukwenqatshelwa ilungelo
lakho kanye nokushaywa ngamaphoyisa okunye. Umangabe uSutcliffe noNayagar
bekhakhishelwa obala bamele abakwenzile kuyosho ukuthi intando yeningi
eThekwini ilimele. NgoMsombuluko odlule bekunjegenjwayelo koMhlanga,
Glenwood nakoKloof. Kodwa emigwaqeni yasemjondolo yaseForeman Road
kwakuchitheke igazi. Kwakungathi sisaphila ngaphansi kukaBotha noma
uMugabe.