Isolezwe: Waze wanobuntu umshayeli wetekisi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4124978
Sibhalele

Waze wanobuntu umshayeli wetekisi

November 12, 2007 Edition 1

Mhleli: Ngivumele ngidlulise lokhu okuhle okwenziwe ngumshayeli wetekisi. Kuyangithokozisa ukulobela le ngosi ngingakhali ngalutho kepha ngibonga.

Umshayeli wetekisi esebenzisa umzila weseClare Estate obizwa ngoSipho wemoto yakwaLanga wangiqophela umlando ngesikhathi sesithi ubuntu abusekho.

NgoLwesihlanu mhla ka-9 Novemba ngithathe itekisi ngenjwayelo ngilibangise edolobheni kwenzeka lokhu okubhalwe emabhasini akwaDurban Transport okuthi mamatheka, bingelela umshayeli, ngakwenza lokho ngingazi ukuthi ngiyazisiza.

Ngathi uma ngehla nje emotweni ngakhumbula ukuthi ngishiye imali engango-R150, ngabuyela kuyena wanginika iphelele.

Ngicabanga ukuthi uma ngabe besingaphathana kahle ubungeke unembeza wakhe umvumele angitholisele ngoba okuzovela ukuthi yilo muntu obedelela, angibonanga mali mina ngangihlezi naye ngaphambili kuphela.

Ngiqala ukumbona kulo mzila wethu sahlaziya kancane izinto ezifana nokushibha kakhulu emalini yokugibela ngakithi engu-R3.50 ukuya edolobheni sathi leli nani eliphansi kangaka lokugibela linomthelela omkhulu ekutheni abahlali basemijondolo e-Clare Estate bangafuni nokuyizwa eyokwakhelwa imixhaso ngale koVerulam nase-Parkgate lapho sebezophoqeleka ukuthi bakhokhe o-R10 isingili.

Nginesifiso sokuthi lo mshayeli athole umklomelo ngokuba nobuntu.

MM Ndabankulu

CLARE ESTATE