Basale dengwane bedilizelwa imijondolo, Isolezwe Front Page, 4 December 2007

Basale dengwane bedilizelwa imijondolo

December 04, 2007 Edition 1

PROFFESOR NDAWONDE

Izimvula ezihambisana namakhaza kanye nelanga elikhipha umkhovu etsheni kuphelela ezinganeni ezingaphezulu kwezingu-50 kanye nonina bazo njengoba imijondolo abahlala kuyo eReservoir Hills idilizwe yonke nguMasipala weTheku.

Iningi lemindeni esale dengwane ngenxa yalesi simo yileyo engamalungu enhlangano eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMjondolo.

UNksz Thabsile Ndlovu (33) ongunina wezingane ezintathu okukhona kuyo eneminyaka emibili ungomunye wabantu abangase bawudlele esigangeni uKhisimusi njengoba abamele uMasipala beshaya phansi bethi ababafuni kule ndawo.

Sigobe amadlangala emzini womngani wami futhi nakhona isikhala asikho ngoba naye unomndeni wakhe. Kuyaxaka ngoba savotela ukuthi sikhululeke kodwa kumanje sicindezelwa yibo abaholi bethu, kusho uThabisile.

Usihlalo wenhlangano yabantu abahlala kule mijondolo, uMnuz Thomas Madiba, uthe kunabasebenzi bakamasipala ababethembisa abantu abahlala kule ndawo ukuthi uma bekhokha u-R100 bazoyithola indawo kodwa namanje abakaze bathole mpendulo.

USihlalo wekomidi lezezindlu kumasipala waseThekwini uMnuz Sbu Gumede uthe akakholwa wukuthi laba bantu bebengazi ukuthi imijondolo yabo izodilizwa.