Umbono weSolezwe: Baphila kanzima emijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4230356

Umbono weSolezwe
Baphila kanzima emijondolo

January 30, 2008 Edition 1

ININGIZIMU Afrika iyizwe elihlukene izigaba eziningi. Kulo leli zwe kukhona izimpunyela ezingomzimbukhalimali. Kulo leli lengabadi kukhona abaphila kahle nabangenayo inkinga yokuthi bazolala bedleni futhi bahlala emizini kanokusho. Kukhona abahlala ezindlini ezibizwa ngemixhaso ezingamakopi. Kukhona abasahlala emijondolo eyakhiwe ngamaphepha, ngodaka ngangamapulangwe, futhi abangenawo amandla okuba nemizi ecacile eduze namadolobha.

Ngakolunye uhlangothi kunemiphakathi ethe chithi saka nezwe lonke ekhosele ezindlini zodaka, abanye abazibiza ngovezunyawo. Kulo leli kukhona abalala ezintabeni, beqhuqhwa ngamakhaza ebusika, kuthi abanye bejabulela ukuqhakaza kwentwasahlobo bona babikelwe wukuthi sekuyisikhathi sezimvula. Kukulo leli lakithi lapho kugcwele khona amahlongandlebe, izigebengu ezidlisa isizwe ngamapayipi, abadlwenguli, nokunye okuningi okunganambithisiseki. Zonke lezi zimo zitholakala kuleli zwe elimnotho onconywa ngapha nangapha ngokuthuthuka kwawo.

Kuningi futhi okuhle okungakhulunywa ngakho, kodwa okuphambana nokuzwa ububha nesimo imiphakathi ethile ebhekene nabo. Uma ungakaze uyihambele indawo efana nemijondolo yaseNyanga, eKapa, nezakhiwo ezikuKennedy Road, eSydenham, eThekwini, kunzima ukuqonda kabanzi ngobunzima bokuhlala emijondolo.

Kuleli sonto sibike ngesigameko lapho kuthiwe “inkunzi” yegundane lilume ingane ekhanda yagcina ngokushona, khona kuKennedy Road. Leli phephandaba libe selilandela lolu daba ngokubika ngesimo umphakathi walaphaya ophila ngaphansi kwaso.

Kuyadabukisa ukuthi kokuningi okushiwo yiFreedom Charter kubantu bakuKennedy Road akusebenzi. Le ndawo ifana nesidleke sezifo ngendlela okugcwele imfucuza ngayo yonke indawo. Amanzi angaziwa nokuthi aqhume kuphi axhaxhaza yonke indawo. Izingane ezincane zizithola zisengozini yokulimala ngoba zidlala ezibini, nokugula ngokusondelana nenhlanganisela yodoti engaqoqwa noma engabuthelwe ndawonye ngendlela.

Asinakho ukuqonda ngezizathu zalokhu njengoba kuhlale kunomdonsiswano phakathi kweziphathimandla zikaMasipala nabamele lo mphakathi. Le ndawo njalo iseduze ngokuxakile nobukhazikhazi bedolobha leTheku. Ithe khaxa phakathi kwamangelengele amajalidi kanokusho lapho ukukhwehlela kwengane kuba yindaba ebizelwa udokotela. Ku-Kennedy Road kuze kuzwakale ngoba ingane isishonile ukuthi abantu bakhona bahlala endaweni engafaniswa negoqo lezingulube.

Uma kungenziwa lutho ukusukumela lesi simo, noma umnotho ungakhula kahle kanjani ubulungiswa buyohlala bungekho. Yihlazo leli kubaholi bethu.