Isolezwe: ‘Sicela uMbeki asiphindisele emakhaya’

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4416740

‘Sicela uMbeki asiphindisele emakhaya’

May 23, 2008 Edition 1

GCWALISILE KHANYILE

Laba bantu, iningi labo abadabuka eMozambique bebesho ngazwi linye ukuthi sebefuna ukuphindiselwa emazweni azo ukuze baphephise izimpilo zabo.

Izolo amakhulu ngamakhulu alaba bantu abahlala eMayville naseCato Manor, eThekwini, bebembondelene esiteshini samaphoyisa eCato Manor bephethe ingxenye yezimpahla zabo abangakwazi ukuzilayisha uma kuvela ithuba lokuthi baphindiselwe emazweni abo.

Bazisholo bona ukuthi kayisengangabo, sebezimisele ngokubuyela emakhaya.

Izolo uMnyango wezaseKhaya ukhiphe isitatimende lapho uthe ngeke uze uphoqe ukuthi abokufika babuyiselwe emazweni abo uma bengafuni, kodwa kuzomele kube yibo abazisholoyo ukuthi bafuna ukubuyela emakhaya.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele esiteshini samaphoyisa eCato Manor izolo, lapho bekugcwele khona izinkumbi zabokuhamba, ubukhangwa inqwaba zabantu nezijumbana zemithwalo ebeziyinqwatshana phambi kwabo. Izingane ezincane bezibangisana ngokudla.

Iningi labesifazane abebekulesi siteshi kabasebenzi kodwa bahlala namasoka noma abayeni babo nawo okumanje ayahlaselwa.

Omunye walaba bantu, uMnuz Anthony Mashaba (40), ongowokudabuka eMozambique, uthe impela uyacela ukuthi uMengameli alusukumele masinyane lolu daba lokubaphindisela emuva bangaze babulawe njengoba kwenzeka.

Uthe nemindeni yabo sebeyibikelile ngokwenzekayo nanokuthi sebelahlekelwe cishe yikho konke abebenakho nabesebekusebenzele iminyaka eminingi.

ULianora Lerugu (17) onengane eneminyaka emibili naye odabuka eMozambique, uthe ayikho into aseyifisa ngaphandle kokuba aphindele ekhaya.

Le ntokazi ithe yasuka kwelakubo yeqa umngcele nesoka layo abebehlala ndawonye nalo kanye nengane yabo njengoba kuze kufikwa kulesi sigaba sokuhlaselwa.

Uthe akasafisi ukuphinde alubhade eNingizimu Afrika njengoba ebaleke nezimpahla zakhe azidayisa emgwaqeni zasala kanjalo.

Okhulumela amaphoyisa, uDirector Phindile Radebe, uqinisekisile ukuthi izinkumbi zabantu bokufika kuleli zithutheleke esiteshini samaphoyisa ngoba zithi zesabela ukuphepha kwazo.

Uthe laba baseCato Manor nabaseChatsworth abazange bahlaselwe kodwa bavele bakhetha ukushiya imizi yabo bayoqhinqa eziteshini zamaphoyisa eziseduze.

Okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uMnuz Mantshele Tau, uthe njengamanje uMnyango ulungisa amaphepha abantu abafuna ukuphindiselwa emazweni abo ukuze baphathe izincwadi ezifanele uma sebeqa umngcele.

Eqhuba uthe laba bantu basizwa yizinhlangano ezizimele ezinjengo-United Nations ngokubalayisha zibase emazweni abo.