Isolezwe: Abasemijondolo sebefake uHulumeni enkantolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4453150

June 13, 2008 Edition 1

Abasemijondolo sebefake uHulumeni enkantolo

S’CELO KHUZWAYO

INHLANGANO ebhekelele amalungelo abantu abahlala emijondolo, Abahlali Basemijondolo KwaZulu-Natal, isifake amaphepha enkantolo eNkulu yaseThekwini ngenhloso yokuthi kuchithwe umthetho ophasiswe wuMnyango wezeziNdlu okuhloswe ngawo ukulwa nokuvumbuka kwemijondolo, i-Prevention and Elimination of Re-emergence of Slums.

UMengameli wale nhlangano, uMnuz S’bu Zikode, utshele Isolezwe izolo ukuthi abameli babo sebemi ngomumo, njengoba sebewa-fakile amaphepha enkantolo ePhakeme yaseThekwini, wathi uma kungukuthi bayahluleka kule nkantolo bazimisele ukuhamba ibanga elide.

“Uma singaphumeleli sizoludlulisela eNkantolo yoMthetho-Sisekelo lolu daba ngoba sinenkolelo yokuthi lo mthetho uphambana nama-lungelo abantu abekwe kuMthetho-Sisekelo futhi awusihloniphi isithunzi somuntu,” kusho uZikode.

UZikode uthe yize benga-phikisani nokuthi kulawulwe ukwakhiwa kwemijondolo, kodwa bafuna ukuthi uma umuntu ekhishwa emjondolo afakwe endlini, angalindiswa komunye umjondolo njengoba ethi kunemijondolo ebizwa ngokuthi ngama-Transit Camps okumele umuntu alinde kuyo uma ‘esekhishwe’ emjondolo wakhe.

Lo mthetho ugunyaza omasipala ukuthi babale imijondolo bese bevimbela ukwakhiwa kweminye emisha.

Okhulumela uMnyango wezeziNdlu KwaZulu-Natal, uMnuz Lennox Mabaso, uthe inhloso ngqangi yalo mthetho wukuvimbela ukuvumbuka kabusha kwemijondolo, wathi njengohulumeni bayakwemu-kela ukuthi uma kukhona abangenelisekile ngalo mthetho bathathe izinyathelo.

Uthe nabo sebekulungele ukubhekana naBahlali Basemjondolo enkantolo.