Isolezwe: Izoqala ukwakhiwa imixhaso ngase-Gateway

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4663331

Izoqala ukwakhiwa imixhaso ngase-Gateway

October 16, 2008 Edition 1

S’BU MASANGO

KUZOQALWA ezinyangeni ezintathu ezizayo ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso kahulumeni eCornubia ngasenxanxatheleni yezitolo iGateway eMhlanga njengoba kade kwamenyezelwa nguMkhandlu weTheku.

Lokhu kuvezwe ophethe uMnyango wezeziNdlu ngaphansi koMkhandlu weTheku, uMnuz Nigel Gumede, othe akusensuku zatshwala kufakwe ogandaganda abazokumba.

UMnuz Gumede uthe yonke into isimi ngomumo sekusele ukuthi kuqalwe kwakhiwe izindlu ezingu-25 000.

“Lena imizamo yethu yokuqeda imijondolo. Sifuna ukuthi abantu abahlala enyakatho batholelwe indawo yokubakhela imixhaso ngalapho behlala khona nabaseningizimu kanjalo.

“Asifuni ukuqhelanisa abantu nezindawo abebekade behlala kuzona kuqala ngaphambi kokuba bathole imixhaso ngoba lokho kuyabahlukumeza kakhulu ngoba abanye basuke benezingane ezifundayo abanye besebenza,” kusho uMnuz Gumede.

Uthe abantu abazofakwa kulezi zindlu abasemijondolo yaseKenville, Kennedy, Cato Crest nakwezinye izindawo uma benganeli abakulezi zindawo.

Uveze ukuthi bavele sebenabo abantu abazofakwa kulezi zindlu njengoba ukubhaliswa kwabantu abafuna izindlu zomxhaso kade kwenziwe kulezi zindawo.

Abantu abakulungele ukuthola lezi zindlu zomxhaso uthe ngabahola ngaphansi ku-R35 000 ngonyaka abe nabantu abondlayo, kube wumuntu ongakaze athole umxhaso kaHulumeni phambilini.

Ngeledlule leli dolobha lihanjelwe uNgqongqoshe wezeziNdlu kuzwelonke uLindiwe Sisulu ngesikhathi kunemiklomelo ebizwa ngamaGovan Mbeki Awards, ebibanjelwe enkabeni yedolobha kanti kulolu hambo uNgqongqoshe ubuye wabekwa esithombeni nangemisebenzi esiyenziwe nguMasipala weTheku emkhakheni wezindlu.