Isolezwe: Lusezithebeni zenkantolo elokuqedwa kwemijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4700564

Lusezithebeni zenkantolo elokuqedwa kwemijondolo

November 07, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUZOQHUBEKA namuhla enkantolo enkulu yaseThekwini ukulalelwa kwesicelo sokuthi kusulwe umthetho wokuqeda imijondolo kwaZulu Natal, i-Slums Act.

Lesi sicelo sifakwe yinhla-ngano eyaziwa ngokuthi Abahlali Basemjondolo kanti ukulalelwa kwaso kuqale izolo. Abantu abahlala ezindaweni eziyimijondolo ngaphansi kwale nhlangano bebegcwele ngaphandle kwenkantolo becula amaculo omzabalazo bezokweseka abameli babo.

Ngaphakathi ummeli wabo, uMnuz Heidi Barnes, ubeke phambi kweJaji uVuka Shabalala izizathu zokuthi kungani lo mthetho kumele wesulwe.

Uthe lo mthetho upha-mbene nomthethosisekelo njengoba ususa abantu ezindaweni asebezijwayele ubayise lapho bengazi ukuthi bazohlala kanjani khona.

“Lo mthetho awubavumeli abantu ukuthi babeke imibono yabo ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo kodwa bavele banikwe izincwadi ezibatshelayo ukuthi bazosuswa,” usho kanje.

Uthe abantu kuthiwa abaphawule emuva kokuthi sesithathiwe isinqumo ngezimpilo zabo. u-Barnes uthe lo mthetho awubaniki oMasipala umhlahlandlela wokuthi kumele baluqhube kanjani uhlelo lokuqedwa kwemijondolo.

“Awukwazi ukuthi ulungise indawo uthi uyenza ngcono ube ukhipha abantu ezindlini zabo ngesikhathi esisodwa. Ijaji uTshabalala uke waphazamisa u-Barnes emtshela ukuthi isimo okuhlala kuso abantu basemjondolo sibi kakhulu njengoba kuhlale kubikwa mihla namalanga ngemililo, kungekho ngisho amanzi ahlanzekile. Obemele uNgqongqoshe wezezindlu kulesi sifundazwe, noMnyango wezezindlu kuzwelonke, uMnuz Jeremy Gauntlett, uthe akayiboni yena into ephambene noMthethosisekelo ngalo mthetho ngoba uhlose ukufeza izinhloso zoMnyango wezezindlu kuzwelonke wokuthi wonke umuntu kumele ahlale endlini ephephile. “Uma uNgqongqoshe wezezindlu esifundazweni eshaya umthetho, usuke elandele imigomo yoMnyango kuzwelonke. Akuvele kuthathwe ugandaganda kudilizwe izindlu kodwa kuqale kubhekwe ukuthi le ndawo abahleli kuyo ifanele yini ukuhlala abantu. Uma ifanele kuzanywa ukuthi kulungiswe yona kodwa uma ingalungile kumele bayiswe kwenye indawo engcono labo bantu,” usho kanje.

Uthe kungenzeka ukuthi into esusa umsindo ngama-gama asetshenzisiwe uku-chaza lo mthetho. U-Gauntlett uphinde wakhala ngokuthi abameli bale nhlangano basebenzise izitatimende ezishiwo ngabantu abangadalulwanga wabe esecela inkantolo ukuthi ingabuthathi ubufakazi babo njengobusemthethweni.

IJaji uTshabalala ucele ummeli waBahlali ukuthi aqhubeke namuhla noku-phikisa ezinye izinto ebezishiwo ngummeli woMnyango.