Inkulumo Emuva koMhlangano Wonyaka Ka-2008

Click here to read this speech in English.

Abahlali baseMjondolo Movement SA.
14 December 2008

Inkulumo Emuva koMhlangano Wonyaka Ka-2008, ngu-Baba u-S’bu. Zikode

Ethulwe kubahlali baseMjondolo eThekwini e-Blue Lagoon

Isingeniso

Bahlali njengoba sonke sazi ukuthi sisuka esikhathini esinzima kanganani, nesehlukile kakhulu kwesejwayelekile eMbuthweni wethu esiwuthanda kakhulu. Umbutho okuthe amandla awo aphoqelela bonke abantu abahlala eMjondolo ukuthi bame ndawonye futhi basho ngezwi elilodwa ukuvikela ilungelo lethu lokuhlala emadolobheni.

Ukhetho labahlali lukanyaka ka-2008 mhlaka-28 November obelubanjelwe ku-Kennedy Road, lube ngolunye olubeyimpumelelo, kune sesike saba nalo kusukela ekubunjweni kwa lo-Mbutho ngonyaka ka-October 2005. Umbutho wethu usakhula wonke amagatsha aloMbutho azikhethela wona abaholi bawo ezingeni lamagatsha emphakathini. Laligcwele phama ihholo laku-Kennedy amalunga abahlali ukuzokhetha abaholi abasha. Wonke umhlali ubekhululekile ukusho noma yini afisa ukuyisho, noma ukubuza noma yini afisa ukuyibuza. Ukhetho lahamba kahle kakhulu futhi kwabe kuyintokozo enkulu ukuthi lolukhetho lalihanjelwe amalungu ombimbi labampofu (Poor People’s Alliance). Njengoba benazi ukuthi ngithathe isinqumo sokungalungeneli ukhetho kulonyaka, futhi nani nazi ukuzinikela nokuzibophezela kwami ekunisebenzeleni ngokungazenzisiyo.Bekade ngiqonda kabanzi ukuthi yonke imisebenzi embuthweni idinga ukubanjiswana, kanjalo nomthwalo wokuhola lombutho ngokuzinikela udinga kubanjiswane. Ngakubeka kini kwacaca ukuthi nami ngidinga isikhathi esanele sokuba nabantwana bami, ngibe nesikhathi esanele sokucabanga ngijule ngokucophelela ngesimo sombusazwe ophilayo nezimpilo zethu. Kuzomele kubenoshintsho nezinguquko kithi uqobo, ukuze silethe ushinstho ezweni. Akulula –ke zibekhona lezinguquko uma singekho isikhathi esanele sokujula ujiye ngekusasa lezimfuno zabahlali.

Njengelunga elizithobile loMbutho wabahlali baseMjondolo bengilokhu ngikubabaze njalo futhi ngikuncoma ukuthenjwa ngabahlali isikhathi esingaka ngomsebenzi obaluleke kangaka wokuhola loMbutho okhula ngesivinini esingaka. Namanje ngisashaqekile ukuthi yiziphi lezizithelo zobuholi enginazo ezenza abantu bangithembe kangaka, ngokungikhetha, bangikhethe baphinde bangikhethe kulesisikhundla nomsebenzi onzima kangaka. Akuwo nokho umsebenzi olula nomnandi.. Wumsebenzi lo ofuna umuntu ozehlisayo kodwa ongenzeli phansi impilo zabantu. Lomsebenzi udinga ubuchule nokukhula kwezombusazwe, lomsebenzi udinga inhlonipho, udinga ukuthi uqonde kahle ngabantu abasha, ngomama abadala babahlali, ogogo, obaba nomkhulu. Lomsebenzi udinga umholi ozimisele ngokuzofunda ukuhola nokuholwa ( njengoba isekela likaMongameli wahlali ubaba u-Lindela Figlan ehlala esho). Lokhu kuyawusiza kakhulu umbutho ukuthi wazikabanzi ngawo ngaphambi kokuthi wazi ngengaphandle lawo uMbutho. Asisoze sazilutho ngomhlaba ongaphandle futhi nesitha sethu ngeke sizesasazi uma singazi ngathi uqobo. Futhi ngeke sazi ngezinselelo esibhekene nazo nezisombululo zakhona uma singaqondi ngathi uqobo.

Bahlali ngiqonda kahle kamhlophe futhi ngiyakhumbula ukuthi abafowethu nodadebethu abebesuka kude kuMbutho woMbimbi Labantu Abampofu. Bebesuka kude kwi-LPM eGoli, kwi-AEC eNtshonalanga Kapa, Abahlali eNtshonalanga Kapa kanye Ne-Rural Network kwa-Zulu/Natal. Angisoze ngakukhohlwa ukusekwa okungaka yibo ukuze ngibuyele ekuholeni loMbutho, Ngingekhohlwa ama-sms ebebengithumelela wona okunginxenxa ukuthi ngiphinde nginihole kanye nabo. Ngibathulela isigqoko ngazozonke izithukuthuku zeminyaka ngeminyaka belwela inkululeko kubantu abacindezelwe, nokukholelwa okukhulu ukuthi abahlali abazicabangele bona, futhi bazihole bona. Siyobambisana njalo kulendlela.

Incindezelo

Mhla siqala lomzabalazo ngonyaka ka-2005 sathi lowo kwabe kungunyaka womnyakazo unyaka wokushikisha kofudu.Unyaka ka-2008 ube ngunyaka woMhlaba neZindlu njengoba sasivumelene sonke, nakuba eskhundleni salokho kuvele kwaba ngunyaka weNjebomvu emjondolo ( ngokombiko owakhishwa ucwaningo lika Maart Bikinshaw). Emililokazi iyeyasibekela indawo yase-Kennedy Road, Jadhu Place, Foreman Road, Emmause e-Phayindane, Motala Height, Anert Drive, Emagwaveni o-Tongathi, ku-Ash Road eMgungundlovu, QQ-Section eNtshonalanga Kapa nayo ibihaqekile.

Kube ngunyaka wamagundane ayingozi, alumayo nagcine esethatha impilo yomntwana wethu ku-Kennedy Road.

Kube ngunyaka wokunqanyulwa kogezi nokushoda kukagesi izwe lonke kulinyazwe abantu ngamaphoyisa, kuboshwe amalunga Abahlali, adutshulwe kuze kube umuntu ubulawa wukushokhwa ugesi ngenxa yobudedengu boMkhandlu weTheku wokuyekelelwa kwezintambo zikagesi zilenga nje budedengu.

Kube ngunyaka wezikhukhula nezimvula ezinamandla ikakhulukazi ku-Ash Road eMgungundlovu.

Kube ngunyaka wendluzula yokususwa kwabantu ezindaweni zabo, eMagwaveni oTongathi, Arnet Drive, Motala Height e-Phayindani, eSiyanda C-Section naseMacambini enhla nesifundazwe sakwa-Zulu/Natal.

Kube ngunyaka wezinxoxo ezidonsayo neziyinqala phakathi kwethu, PPT, umasipala weTheku, Ricky Govender wase-Motala uMnu- Moolan womhlaba wabahlali base-Magwaveni.

Lona kube unyaka onzima nobenesihluku esimangalisayo lapho bekushaywa,futhi kubulawa abafowethu nodadebethu abavela kwamanye amazwe ngesihluku esimangalisayo.

Unyaka lapho isikhundla esiphezulu nesibalulekile siyesahlala izinsuku ezingamashumi amabili singenamuntu emuva kokhetho loMbutho ka-2008.

Ukunqoba

Umzabalazo wabantu abampofu nabacindezelwe awulula neze, njengoba sengikengasho ngaphambilini indluzula yokusaba nokusatshiswa esiye sabhekana nayo kulonyaka ka-2008.

Nakuba kunjalo kuzomele sikhumbule kabanzi ngesikuzuzilek kulesisikhathi ebesinzima kangaka ezimpilweni zabahlali. Sonyaka wokusha kwemijondodolo, sokuphoqelelwa ngendluzula yolindela nokuhlaselwa kwabantu abavela kwamanye amazwe.

Ngaphandle kwazozonke izinselelo esibe nazo, kuningi nokho nesiphumelelile ukuzizuza onyakeni ka-2008 wezingxoxo. Kulokhu kuxoxisana izwi labahlali liye landa, lezwakala, ususku nosuku, njengoba uMkhandlu weTheku uye waphoqeleka ukuthi uhlale phansi ulalele Abahlali ngosizo luka-PPT. Lezizingxoxo bezisingathwe abakwa-PPT ngeso elibukhali iso laMantungwa.

Namuhla nginenjabulo yokusho ukuthi uMbutho wahlali ukwazile ukungenela lezizingxoxo ngesasasa eliphezulu. Sabe sesikwazi ukukhiqiza ibhukwana eliqukethe izimvo nezimfuno zabahlali elizosiza kakhulu uMkhandlu ukuthi uvume futhi wazi ngokungabibikho kobulungiswa lapho kusingathwa khona izindaba zabahlali basemijondodolo.

Nanokuthi kubekhona ukuthelelelana amanzi nokubambisana. Ukufezeka koMkhankaso wokuhlanza nokukhuculula eKennedy ukunciphisa ukusabalala kwamagundane nezifo ezihambisana nawo waba yimpumelelo. Esikhathini esedlule ababusi bezwe nabamaphephandaba bebeyibukelaphansi indaba yokusha kwemijondolo nokufa kwabantu bayishaye indiva.

Kodwa namhlanje umasipala useyakwazi ukuhlinzeka ngezinto zokwakha kabusha imijondolo noma ache lemijondolo yakhe yamathini ngokufisa kwayo imiphakathi.

Ukulwisana nendluzula yokususwa kwabantu ezindaweni zabo Abahlali baye balwisana kakhulu nalendluzula. Lokhu kusigqamela kahle e-Siyanda uma Abahlali bakhona besuswa ngedluzula ukuze kwakhiwe umgwaqo omkhulukazi. U-MR577. Lendluzula kuliwe kakhulu nayo eMotala Height. eMagwaveni nase-Anert Drive ngamasu ombusazwe nawo umthetho. I-Anert Drive yona yaqopha umlando lapho uguqisa khona umasipala weTheku kwi-Nkantolo ePhakeme eThekwini.

Umthetho omusha owaziwa ngekwaZulu/Natal Elimination and Prevention of the New Slums in KwaZulu/Natal Act kulwisene nawo ngaphandle nangaphakathi eNkantolo ePhakeme eThekwini NAKUBA isinqumo sejaji singakakhishwa. Sikunqobile ukuthi okungenani uma Abahlali besalinde ukwakhelwa izindlu okungenani bahlinzekwe ngezidingo nqangi nanjengokulawula kwe-Abahlali Settlement Plan. Siwunqobile umkhankaso wokuthi umndeni nomndeni awuthole indlu kahulumeni hhayi umjondolo owodwa indlu eyodwa, ngoba lokhu kushiya imindeni eminingi dengwane.

Njengamanje siphothula isivumelwano sokuzibophezela omunye komunye ekuthuthukiseni indawo yase-Kennedy, ngokubambisana nabahlali base-Kennedy. Sonke naMkhandlu kulindeleke ukuthi sisisayinde lesivumelwano (I-MoU).Sizokhumbula sonke ukuthi abahlali base-Kennedy bebehlezi lubhojozi besatshiswa ngokususwa yonke leminyaka kusukela ngo-1995, namhlanje sebeyazi ukuthi bazothuthukiselwa la bekhona ngaphandle nje kokuthi hleze banganeli bonke.

Umbutho wabahlali ukwazile ukusingatha imikhankaso emikhulukazi kazwelonke njengomhlaka-April 27, lapho thina njengabahlali sisasho sitshela izwe ukuthi asikayitholi inkululeko le egujwa abantu abambalwa besebenzisa iningi labantu bakithi abangakasiqondi isimo sombusazwe esikhona, nanokuthi nje le akukabi yinkululeko esasiyilwela sonke.

Umhlaka 16 June wona inyanga yentsha nakhona sikwazile ukubumba uhlaka lophiko lwentsha yabahlali. Sabumba uhlaka lomama babahlali ngokusemthethweni ukuze nomama babambe iqhaza ebuholini bombutho wabahlali ngo-August 2008.

U-September wona inyanga yamagugu sikwazile njengoMbutho wabahlali ukuba Nengqungquthela yokuqala edolobheni ukubhunga kabanzi ngokusha kwemijondolo nokukhumbula bonke esebasishiya ngengozi yomlilo ngokuthi sibenoMkhuleko omkhulukazi. Lengqungquthela yayihanjelwe abantu abasuka ezinhlanganweni ezahlukene nezingekho ngaphansi kuka hulumeni, abamaBandla Umbimbi labantu abampofu ( Poor Peaple’s Alliance) eyakhiwe umbutho waseNtshonalanga Kapa i-Western Cape Anti-Eviction Campaign, Abahlali baseMjondolo Western Cape, i-Landless People ‘s Movement yaseGoli, i-Rural n-Network enhla nesifundazwe sakwa-Zulu/Natal. Yonke lemibutho ibambisene ukuqinisa ubudlelwano nokulwisana nalolonke uhlobo lengcindezelo.

Yingakho-ke ekugcineni uMkhandlu weTheku uye waphoqeleka ukuyivuma induku yabahlali ngokuthi ugcine usuzibophezela ukuthuthukisa i-Kennedy Road, Arnet Drive, Pemary Ridge, Lacey Road, JadhuPlace (eminyakeni emihlanu ezayo) neMpola Phase three. Kodwa kuyofanele sithembe kakhulu mhla kwakhiwa indlu eyodwa okungenani noma yonke imijondolo isithuthukisiwe ezindaweni ezisemadolobheni kulengabathi.

Mhla ziyishumi uZodwa Nsibande nami sihlele, saba nomhlangano nomnini womhlaba waseMagwaveni oTongathi uMnu. Moolan oyewakhombisa ukuzwelana nabahlali baseMagwaveni waze wathenbisa ukunikela ngenxenye yonke yomhlaba wakhe kubahlali baseMagwaveni inqobo nje uMkhandlu uma uzomzwela naye ukuthi ungaqinisi isitrobho uma esezakhela naye kwenye yenxenye yomhlaba wakhe. Sisazoxhumana nekhansela nomsebenzi kamasipala ukuze nathi sithole lomqulu athi uwubhalile ukuze umasipala ahlangabezane nawo.

Iziphakamiso

Namhlanje ngifisa ukunikhumbuza bahlali ukuthi la embuthweni sonke siyalingana futhi sifanele sisebenze sonke ngokulingana ukuphumelelisa izimfuno zethu ngaphandle nje kwezikhundla nemisebenzi yethu.

Masikhumbuzane ukuthi lona nguMbutho wabantu abampofu sonke sisebenza kanzima nangoku- zikhandla ukuvikela isithunzi nekusasa labantu abahlala emijondolo. Sifanele sisebenze kanzima, ngokubambisana, ngokuzikhandla nokucophelela.

Umbutho wethu uphoqa ukuthi sifanele sizithembe, sithembeke ngaphambi kokuthi sithenjwe ngabanye abantu. Umbutho wethu uphoqa ukuthi asilisabe ihlazo nechilo, sibe namahloni ngezilingo zokubi. Umbutho wethu uphoqa ukuthi asibhekane ngqo nazozonke izimo zobubi ezifuna ukubukelaphansi isithunzi sezakhamizi zasemijondolo. Yingakho kulindeleke ukuthi sibe ngabantu abamnene nabazehlisa, kodwa sibe nesibindi sokulwa ukuvikela ikusasa labantwana bethu. Kodwa uma ngabe konke lokhu sizokwenza umthwalo womuntu oyedwa, ababili nabathathu singeke-ke saphumelela ngaphandle kwethu sonke ngokubambisana.

Uma ngabe namhlanje sonke siyazibophezela ukusebenza kanzima, sisebenzisana sonke ngokulingana nangokungazenzisi. Nami ngiyaphinda ngiyazibophezela ukuwuhola loMbutho ihlandla lesihlanu, inqobo nje umasingaqhubani ngamadolo. Sonke sidinga ushintsho nezinguquko ngaphakathi eMbuthweni ngaphambi kokuthi sibhekane nezitha nezinselelo. Engingakuqiniseka kini bahlali ukuzibophezela ukusebenzisana nani, hhayi ukunisebenzela. Ukuhola nani, hhayi ukunihola. Njengoba sivumelana sonke nani ukuthi akungabibikho okwenu ngaphandle kwenu. Kukho konke ukuzibophezela kwami kini, nani kimi, ngifisa ukudlulisa amazwi okubabonga kakhulu omama babahlali abaye bangisingatha ezikhathini ezinzima lapho mina nomndeni wami sisibekelwa yifu elimnyama. Babe nami ngezingcingo, ngemithandazo nangokungivakashela ekhaya lami. Ngiyohlala nginithulela isigqoko ngothando eninginike lona ngezikhathi ezinzima.

Sengiphetha, ngifisela bonke Abahlali basemMjojondolo, Abangani babahlali, nabobonke abaseka abahlali nabobonke abacindezelekile nabakhishwe inyumbazane isimo sombusazwe esikhona uKhisimusi omuhle nophephile. Nezilokotho ezinhle zonyaka omusha uNcibijane ophephile nonenqubekela phambili nongenakuhlukunyezwa ngamaphiyisa, ongenakucinyelwa ugesi nongenakuhlaselwa ngobugwala ngendluzula nayoyonke imimoya emibi yencindezelo ebhekiswe kwabampofu.

Amandla!!!