Isolezwe: Kusolwa isikhwele kobulale intombi ebisikhuleliswe ngomunye

Kusolwa isikhwele kobulale intombi ebisikhuleliswe ngomunye

December 16, 2008 Edition 1

Nonhlanhla Shangase

UGENCE wabulala ngocelemba unina wengane yakhe ayethandana naye owesilisa waseThekwini ocasulwe wukuthi ubesekhuleliswe ngenye indoda.

Kuthiwa lo wesilisa wehlulekile ukwamukela ukuthi unina wengane yakhe usethandana nenye indoda futhi ukhulelwe ingane yayo, wayigenca maqede wayotshengisa indodana yabo eneminyaka eyisikhombisa ucelemba oconsa igazi wayitshela ukuthi usembulele unina.

Lo wesilisa, ongeke adalulwe igama lakhe njengoba engakaveli enkantolo, kuthiwa ugence ngocelemba uNksz Ntombiyakhe Ndzolo (33) wasePuntanshill kuMngeni Road, eThekwini, ngesikhathi lo wesifazane elethele ingane yakhe izipho kanye nezinto zikaKhisimusi ebezicelwe yingane.

Amaphoyisa athi lesi sehlakalo senzeke ngezikhathi zasemini ngeSonto.

Udadewabo kamufi, uNksz Thobsile Ndzolo, uthe udadewabo ubesenesikhathi eside ahlukana noyise wengane yakhe ngenxa yokungaboni ngaso linye kwabo.

Uthe babevumelene ngokuthi ingane yabo ihlale noyise, udadewabo afike azoyibonela khona.

Uthe bebengakaze babonane nalo wesilisa selokhu akhulelwa njengoba ubethi uma eyobona ingane bangaqondani.

“Bahlukana ngendlela yokuthi uyena owesilisa owagcizelela ukuthi udadewethu akaqhubeke nempilo yakhe amyeke phansi,” kusho uNksz Ndzolo.

Uthe kumthathe isikhathi eside ukuthi udadewabo aqhubekele phambili nempilo yakhe, okuthe uma esehlangana nomuntu amthandayo wakhulelwa.

Lo wesifazane ubenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe kanti ingane yabo yokuqala ineminyaka eyisikhombisa.

“Okubuhlungu kakhulu wukuthi konke lokhu kwenzeke phambi kwengane yabo njengoba ephinde wayitshela ukuthi usembulele unina eyivezela nocelemba oconsa igazi okuyiwo abulele ngawo udadewethu,” kubalisa udadewabo kamufi.

Amaphoyisa aseNtuzuma asiqinisekisile lesi sigameko njengoba ethe kunowesilisa oboshiwe ngokufa kwalo wesifazane. Athe nguyena lo msolwa ozinikele emaphoyiseni kodwa imininingwane yokuvela kwakhe enkantolo kushaye isikhathi sokushicilela ingakatholakali.