Isolezwe: Baswele indawo yokukhosela abashelwe yimizi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4772103

Baswele indawo yokukhosela abashelwe yimizi

December 23, 2008 Edition 1

Boniswa Mohale

MANCANE amathemba okuthi uKhisimusi uzofika abantu basemijondolo ekuKennedy Road, eThekwini, sebenezindlu zokukhosela njengoba beshelwe ngamakhaya abo ngeSonto ekuseni, njengoba kuze kube yimanje abaka-lutholi usizo kuMasipala weTheku.

Laba bantu abalinganiselwa ku-200 okumanje abanamakhaya njengoba ecekelwe phansi wumlilo, bakhala ngekhansela lendawo abathi alikaxhumani nabo ukuzobheka isimo abahleli ngaphansi kwaso, futhi nabophiko lukaMasipala lwezinhlekelele nabo bebengakaze bafike.

Ngesikhathi Isolezwe lixhumana nekhansela lakule ndawo, uMnuz Yacoob Baig, uthe useshayele izinhlangano eziletha ukudla ukuba zizosiza lo mphakathi, kodwa leli phephandaba lifike kule ndawo abantu besakhala ngendlala, abanye bezama ukuvusa amakhaya abo.

UMnuz Sfiso Ngubo (40) oficwe ematasa nezigxobo zokwakha uthe emva kokuqhuqhwa ngamakhaza akuthangi unqume ukuyozithengela lokho okuncane akwaze ukukuthola ngamasentshana abewalondolozele uKhisimusi.

“Ngibone kungcono ukuthi ngiqale ngophahla ngoba sengikhathele ukulala ehlane kuhle kwesilwane kodwa amakhaza asazodlala ngami njengoba ngisele nalokhu okusemzimbeni,” kuchaza uNgubo

Uqhube wathi ukuba bekukhona ugesi namanzi eduzane ngabe bayakwazi ukugwema le mililo esiyinsakavukela umchilo wesidwaba kule mijondolo.

Amazwi kaNgubo aphinde agcizelelwa ngokhulumela abahlali basemjondolo, uMnuz Sbu Zikode, othe imililo eyenzeke kulo nyaka idalwa ngamakhandlela nezitofu, ukuba bekukhona ugesi ngabe sebeyakwazi ukuvimba izigameko ezinje ngalezi.

UBaig uthe ube nenkinga yokuxhumana nezinhlangano ezeseka abantu ngesikhathi sezinhlekelele, kodwa namhlanje iPakistani Association in South Africa izohambisa izingubo zokulala nokudla kuKennedy Road.

Ebuzwa ukuthi izinto zokwakha zizofika nini uthe uhlangabezane nezingqinamba eziningi ngoba abantu ababhekele izinhlekelele kumasipala weTheku baseholidini kodwa uyethemba ukuthi lizoshona elanamhlanje abesitolo sezinto zokwakha sebezidilivile izinto zokwakha.