Isolezwe: Balale emnyango ababethenjiswe izindlu zomxhaso

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4897760

Balale emnyango ababethenjiswe izindlu zomxhaso

March 20, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUXABENE ubendle ezindlini ezingamathini eziseRichmond Farm ngaseLindelani njengoba ngoLwesibili kube khona abantu abakhishwayo kulezi zindlu balala emnyango, kwafakwa abanye abakhishwe emijondolo eseSiyanda lapho kwakhiwa khona umgwaqo onguthelawayeka.

NgoLwesibili abantu abese besele emijondolo yaseSiyanda bathuthelwe kulezi zindlu ukuze balindele ukungena izindlini zabo zomxhaso, kodwa bahlangabezana nembibizane ngesikhathi befika sekukhona asebehlala kuzo okungaziwa ukuthi bangena kanjani.

Abanye balaba bantu bathi bakhokha imali engu-R3 000 komunye wabasebenzi bekomidi elinikezela ngalezi zindlu ukuze bathole okhiye, kodwa akekho onento ebhalwe phansi ekhombisa ukuthi bakhokha.

Abanye bathi basuswa eSiyanda kwa-B ngoDisemba kwathiwa bazohlala kulezi zindlu izinyanga ezintathu bese bethuthelwa ezindlini zabo.

Ingu-16 imindeni elale emnyango ngoLwesibili emuva kokuthi befice izimpahla zabo sezisemnyango, ngoba sekufakwe abanye abantu.

UMnuz Molefe Manake (70), obebukeka esadidekile, uthe yena nomndeni wakhe balale emnyango kanti abazi nokuthi bazoshonaphi.

UManaka uthe balethwa yimoto ebusuku ngonyaka odlule kule ndawo bakhokha nemali.

UMnuz Joseph Chiliza uthe wakhokha u-R3 000 komunye amgagule ngegama nathe usebenza ehhovisi eligcina okhiye balezi zindlu.

“Ngivula ngokhiye engawunikwa emuva kokuthi ngikhiphe imali. Okusho ukuthi sasidlala umuntu njengoba sesingondingasithebeni namhlanje,” kusho uChiliza.

UNksz Thandeka Khathi uthe wasuswa eSiyanda kwa-B ngoDisemba kwathiwa bazoquba kule ndawo okwesikhashana.

“Angikhokhanga mali ukuze ngingene kule ndlu. Ngilove ngisho emsebenzini ngoba ngoLwesibili ngafika izimpahla sezisemnyango sekufakwe abanye abantu,” kuchaza uNksz Khathi.

UNksz Thembi Zungu ongeniswe endlini uthe balethwe kule ndawo ukuze bazolindela izindlu zabo.

Lokhu kulandela ukuthi emasontweni amabili edlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini ikhiphe isinqumo sokuthi Abahlali baseMjondolo baseSiyanda abethenjiswa izindlu kodwa bagcina bengazitholanga bafakwe ezindlini zamathini okwesikhashana bese benikwa izindlu zomxhaso kube kuqhubeka uphenyo lokuthi bangena kanjani abantu abangaziwa ezindlini okwakufanele bangene kuzo.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeZindlu ngaphansi kukaMasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede, ayiphumelelanga.