Isolezwe: Bavale imigwaqo emva kokubulawa komsolwa

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4954593

Bavale imigwaqo emva kokubulawa komsolwa

April 28, 2009 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

UMPHAKATHI waseLamontville eThekwini izolo uvuke umbhejazane wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo ngenhloso yokuveza ukudinwa kwawo ngesenzo samaphoyisa akule ndawo okusolakala ukuthi adubule abulala ilungu lomphakathi ngoba elisola ngokweqa esiteshini samaphoyisa ngeSonto.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo izolo isimo besishubile njengoba amaphoyisa aze adubula ngezinhlamvu zenjoloba ukuzama ukuhlakaza isixuku sentsha ebivutha ingabaselwe kulandela ukubulawa kukaMnuz Mpho Setlaba (28) okuthiwa ubulawe ngamaphoyisa.

Akekho olimalile ngesikhathi kunokungqubuzana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi.

USetlaba kuthiwa udutshulwe ngezithuba zehora lesikhombisa ngeSonto ntambama, kodwa isidumbu sakhe size satholwa izolo ekuseni ngumfana omncane obeziyela esitolo. USetlaba kuthiwa weqe esiteshini samaphoyisa kulandela ukuboshwa kwakhe mayelana necala lokushaya intombi yakhe. USetlaba kuthiwa ushaye intombi waze wayigwaza ngebhodlela emhlane.

Umalume kaSetlaba, uMnuz Tebogo Moshoeshoe, uthe umshana wakhe uthathwe ngamaphoyisa ngeSonto ntambama ngezithuba zehora lesihlanu ngoba emsola ngokulimaza intombi yakhe.

UMoshoeshoe uthe amaphoyisa abuyile ngezithuba zehora lesikhombisa esezothi uSetlaba weqile esiteshini samaphoyisa.

“Ngesikhathi esebuya okwesibili afike akhahlela izicabha esibuza aguduza wonke amakamelo efuna uMpho,” usho kanje.

UMoshoeshoe uthe sibaphethe kabi lesi senzo samaphoyisa.

“Silindele ukuthi amaphoyisa kube yiwona asivikelayo kodwa futhi sidutshulwa yiwona,” kusho uMoshoeshoe.

Unina kaSetlaba, uNkk Paulina Moshoeshoe, uthe akazi ukuthi indodana yakhe uzoyingcwaba ngani njengoba kungasebenzi muntu emndenini.

“Ngisanda kungcwaba enye indodana yami ezinyangeni ezintathu ezedlule manje sekumele ngingcwabe enye,” kubalisa unina kamufi.

Uthe usephelelwe yithemba emaphoyiseni kulandela lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa kule ndawo, u-Inspector Mhlonishwa Khawula, uthe okwamanje angeke akwazi ukuqinisekisa ukuthi uSetlaba udutshulwe ngobani. “Sizokwazi ukuthi udutshulwe ngubani uma isidumbu sakhe sesibuyile ukuyohlolwa,” usho kanje.

UKhawula uthe umufi ubeboshelwe amacala amabili okushaya ngenhloso yokulimaza.

“Amaphoyisa asematasa ayaphenya ngalesi sigameko,” kusho uKhawula.