Isolezwe: Kulwe izithandani kwasha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5039103

Kulwe izithandani kwasha imijondolo

June 17, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

INGXABANO phakathi kwezithandani kuthiwa yiyo eholele ekusheni kwemijondolo elinganiselwa kweyikhulu kuKennedy Road eThekwini izolo entathakusa.

Ngokuthola kweSolezwe, owesifazane ohlala kule ndawo ubethi uyobheka isoka lakhe ngesikhathi efica ukuthi linomunye wesifazane.

Kuthiwa ube esevalela isoka ngaphakathi, walanda upharafini endlini yakhe wawuvuvuzela ngaphandle walayitha ediniwe.

Kuthiwa lo wesilisa ukwazile ukuphuma emjondolo wakhe wabe esethinta amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa, uSuperintendent Vincent Mdunge, uthe ngesikhathi amaphoyisa kaMasipala naweSAPS efika kule ndawo amalungu omphakathi awajikijele ngamatshe, kwalimala amaphoyisa amabili akwa-Metro.

“Ngesikhathi kunokujikijela kusolakala ukuthi kukhona abanye abokhele umlilo kweminye imijondolo nokudale ukuthi umlilo ubhebhetheke. Owesimame uthathiwe ukuze aphoswe imibuzo,” kusho uMdunge.

Izolo emini abantu bakule ndawo bese beqalile ukuvusa imijondolo yabo ngamapula-ngwe abebehamba bewacosha kwezinye izindawo.

Bekukhala isipikili abantu beqongqotha izinkethe ezi-shile bezama ukuziqondisa.

UNksz Thombi Mkhwanazi uthe ubezilalele ngezithuba zehora lesibili entathakusa izolo ngesikhathi ezwa abantu bememeza bebanga umsindo bekhala ngomlilo oshayo.

Umengameli wenhlangano yaBahlali Basemjodolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe ba-ngaphezu kwenkulungwane abantu abasale dengwane.

UZikode uthe akazi lutho ngamaphoyisa alinyaziwe.

“Ngazi ukuthi abantu bebefuna ukumudla bamfele lo sisi okuthiwa ubezama ukushisa isoka lakhe. Amaphoyisa azame ukumvi-kela kwaba nesixakaxaka,” kusho uZikode.