Isolezwe: Bazitapele ezitolo bekhala ngendlala

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5095504

Bazitapele ezitolo bekhala ngendlala

July 23, 2009 Edition 1

BONISWA MOHALEnoCELANI SIKHAKHANE

KUQUBUKE igidigidi enkabeni yedolobha iTheku izolo ngesikhathi iqulu labantu, elizibiza ngabantu abangasebenzi, ligasela ezitolo ezinkulu zokudla lizitapela ukudla okubizayo kanti abanye bebezitika ngakho khona ngaphakathi.

Laba bantu iningi labo obekungabesifazane bathi bangamalungu enhlangano, i-Unemployed Peoples Movement of South Africa.

Izitolo ezehlelwe yilo mshophi kubalwa uShoprite oseBerea Centre, uShoprite okuWest Street noPick ‘n Pay eWorkshop.

Abasebenzi bakulezi zitolo bathi leli qulu elilinganiselwa ku-300 lingene njengabantu abasuke bezothenga ladonsa izinqola lalayisha izinhlobonhlobo zokudla.

Kuthiwa ngesikhathi sebefika lapho kukhokhwa khona badudule abantu abebelinde ukukhokha badlula ngehubo.

Izimpahla abaqinise kuzo ngamafutha, inyama, balayisha noncamnce neziphuzo.

Sebephumile kuthiwa bebememeza bethi iMeya yeTheku, uMnuz Obed Mlaba, nguye ozokhokha ngoba abasebenzi futhi kade babemxwayisa ngalesi simo.

Amaphoyisa athwale kanzima bezama ukubavimba abanye bephucwa ngesidlozana impahla abese beyilayishe ezinqoleni.

UMnuz Bheki Mthombeni, oyisikhulu kwaShoprite obethukile, uthe basazobheka ukuthi balahlekelwe kangakanani njengoba isitole siphenduke umazitapele.

UCaptain Khephu Ndlovu uthe kuboshwe abantu abangu-100 abazobhekana namacala.

Iningi lababoshiwe bekungabesifazane.

UNksz Nozipho Mteshana, okhulumela i-Unemployed Peoples Movement of South Africa okungamalungu abo lawa aboshiwe, uthe kuseyisiqalo lesi basazoqhubeka nokungenela izitolo ngoba uhulumeni akafuni ukulalela izikhalo zabo.

Esitatimendeni esithunyelwe ngabakwa-Shoprite bathe ukwebiwa kwezimpahla ezitolo kubalahlekisela ngezigidi kanti lesi sitolo sivule amacala angu-40 okweba izolo bathi njengoba lolu daba seluphethwe ngamaphoyisa angeke baphawule kakhulu.