Ubufakazi bukaBrother Filippo Mondini

Ubufakazi bukaBrother Filippo Mondini

Ngisebenze iminyaka emine kanye naBahlali. Lokho kwaba isifundo esijulile futhi esinomthelela omuhle empilweni yami. Ngaba nesikhathi sokuhlangana nabantu abamangalisayo, abanesibindi kanye nabazimiselayo. Angizange ngihlangane nezigilamkhuba mangabe sinemihlangano yezombuso wentando yeningi. Kunalokho ngahlangana nabesifazane nabesilisa ababenesibindi sokuthi: sekwanele!

Laba ngabesifazane nabesilisa abangikhombisa ukuthi kusho ukuthini ukuzihlonipha. Banhlwempu, bahlala emijondolo, abanalutho kodwa kodwa bacebile kakhulu ngendlela abazihlonipha ngayo.

Abahlali bayisipho esikhulu kuluntu. Kodwa ungathi isipho okunzima ukusilalela ngoba bayisithombe sonke esingazibuka kuso.

Ngisebenze iminyaka emine kanye naBahlali futhi akukhona okokuqala behlaselwa. Sasikanyekanye ngenkathi yecala labayisithupha baseKennedy, sahlanganyela ndawonye ngenkathi bebhikilisha. Sake sashaywa ngamaphoyiosa sisakhuleka, sake sabhikishela uNyager sathi kuye: “Uhlasele ubuntu bethu…”

Ngenkathi ngiseNingizimu Afrika ngabona ingcindezi yamaphoyisa, udlame lwezombusazwe kanye nokwesatshiswa kwalenhlangano. Ngachitha isikhathi esiningi ngisebenza kweminye imijondolo lapho amalunga kaKhongolose babesabisa futhi begcindezela abantu. Kwakunguhulumeni owayethumela amaphoyisa ahlomile, kwakunguhulumeni kanye nekhansela ababesabisa abantu.

Lokukuhlselwa kwamaduze kungobunye ubufakazi ukuthi uhulumeni akafuni ukuzwa iqiniso ngoba phela manje abantu abahluphekile babememezela iqiniso. Manje sesinokuqonda ngazo zonke izikhathi ukuthi uhulumeni kanye namaphoyisa bayasaba aBahlali. Bazama ukubacekela phansi kodwa bayahluleka ukuba qumba phansi.

Ngifuna ukubonga bonke abangani (comrades) ngokuzimisela, ngoba benza lendawo kube ngengcono ukuhlala bonke abantu. Ngifuna ukubonga kakhulu umholi wethu uSbu Zikode. Ulahlekelwe kakhulu ngokubangumholi waBahlali. Ungumuntu omangalisayo, othobekile, omuhle ohlale ezimisele ukulalela wonke umuntu. Akasona isigebengu, uyiqhawe. Abezombusazwe bagafunda lukhulu kuyena.

Asihlanganeni. Umhlaba uyazi ukuthi aBahlali akulona iqembu lezigcwelegcwele kodwa abantu abamemezela iqiniso. Umhlaba uyabuka manje……….

Brother Filippo Mondini

(filomondi@gmail.com)

Comboni Missionary (catholic church) Italy,

Castelvolturno.