Umbhishobhi Omkhulu waseKapa uhlaba ukuhlaselwa kwaBahlali baseMjondolo

Umbhishobhi Omkhulu waseKapa uhlaba ukuhlaselwa kwaBahlali baseMjondolo

Umbhishobhi Omkhulu waseKapa ehlangene noMbhishobhi waKwaZulu-Natal basigxekile isehlakalo sokuhlaselwa komphakathi waseKennedy Road eThekwini.

Umbhishobhi Omkhulu waseKapa uyaphawula

IAnglican Archbishop yaseKapa naye usebambisene kanye noMbhishobhi waKwaZulu-Natal uRubin Phillip ngokumeseka ekusoleni isihluku esezenka emjondolo yakuKennedy Road eThekwini. “Ngivumelana no Mbhishobhi uPhillip ukuthi kuyichilo elikhulu kumbuso wethu wentando yeningi, ukuthi abahlaseli bavele bavunyelwa ukuxosha abaholi benhlangano yaBahlali baseMjondolo, kanye nemindeni eminingi” kusho uMbhishobhi uThabo Makgoba.

‘Uma sikhumbula ukuthi sahlukumezeka kangakanani, futhi sazabalaza kangakanani, ukuze siqinisekise ukuthi abayingcosana abamhlophe futhi ababenezikhali ngeke baqhubeke nokusigcindezela futhi basinqabele amalungelo okukhuluma, ukuzicabangela nokubaphikisa, akwamkeleki ngempela ukuthi ukungabekezelelani okungaka kungavele kubuye kuqhamuke kuzifihle njengezombusazwe”, kusho uMakgoba, egcizelela ngokungananazi ukuthi uhambisana nombono okhishwe nguMbhishobhi waKwaZulu-Natal, obuye abe ngusihlalo weKwaZulu-Natal Christian Council. “Nami futhi ngizobe ngilekelela”, futhi waqhubeka nokuthi ameme nabanye ukuthi nabo bawuxhase umbono kaPhillip wokuthi kuxhaswe laba abasuswe ezindaweni zabo ngokubakhulekela abalimele kanye nabashonelwe izihlobo zabo nangokubasiza nangezinye izidingo. “Abantu bezwe lakithi bafanelwe okungcono kunalokhu,” kusho uMakgoba. “Abaholi bezombusazwe kanye namaphoyisa kufanele baqinisekise ukuthi umbuso wentando yeningi kanye nobulungiswa uhlale bukhona,”.

Ikhishwe yoHovisi leAnglican Archibishop yaseKapa.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Cynthia Michaels ku(021) 763 1320

Ukuhlaselwa kweNtando Yeningi kuKennedy Road, eThekwini

Ngezwa ubuhlungu obumangalisayo ngenkathi ngiqala ukuzwa ngesihluku esenzeka emijondolo yaseKennedy Road. Kuleminyaka embalwa sengichithe amahora amaningi emijondolo yaseKennedy Road. Ngihambe imihlangano, izikhumbuzo zemingcwabo, amamisa kanye nemibhikilisho. Futhi ngibe nenhlanhla yokuhlangana nabantu abamangalisayo bakulendawo kanti nomsebenzi waBahlali baseMjondolo uhlale ugcwalisa ukholo lwami emandleni kanye nesizotha salabantu. Ilapho ngiyibone khona ngempela intando yeningi. Kulapho futhi ngizwe khon ubumnandi bethemba langempela.

Impumelelo yentando yeningi yaba isikhathi somusa kithi sonke.Abahlaseli asebexoshe abaholi baBahlali baseMjondolo kanye namakhulu emindeni kulendawo bayihlazo elikhulu kwintando yeningi. Futhi ukuthi amaphoyisa ayahluleka ukubanqanda kodwa ebe ebopha abahlaselwa kanye nabalimele kwenza ngibe nexhala. Kunesiqiniseko sokuthi labantu abahlaselayo baxhaswe amagatsha endawo kaKhongolose. Lokhu kwenza ngixhamazele ngempela.

Ngike ngithuke ngiqhaqhazele kakhulu, njengabanye abaningi, uma-nje ngicabanga ngicabanga indlela ukulwa nobandlululo okwakuhlaselwa ngayo nguhulumeni wobandlululo kanye nabangani bakhe ngeminyaka yama1980. Sekwenzekile futhi lapho abantu behlaselwa, imizi yabo icekelwa phansi, futhi bexoshwe emiphakathi yabo baze babulawe ngenxa yendlela abacabanga ngayo kwezombusazwe kanye nangendlela abenza ngayo. Sekwenzekile futhi ukuthi iqenjana elihlomile lisebenzise udlame ukuze ligcindezele inhlangano ehambisana nentando yeningi. Kuyenzeka futhi ukuthi siphatheke kabi ngendlela amaphoyisa aluphatha ngayo loluludaba. Sekwenzekile futhi kithina emabandleni ukuthi siqale phansi sithole izindawo zokukhoselisa labantu ababalekayo, sitholele odokotela labo abalimele kanye abameli labo ababoshiwe. Izinto ezimbi ezazenzeka ngesikhathi sobandlululo ebesicabanga ukuthi ngeke ziphinde zenzeke. Lokhu akwamkelekile. Ngeke futhi sithi ikhona enye esikwamukela ngayo. Ngizothatha ulaka lwami ngiye nalo emahovisi abaholi abakhulu bakulelizwe kanye nodadewethu bamabandla umhlaba wonke. Futhi ngigqugquzela nabanye ukuthi benze kanjalo.

Ngonyaka ka2007, ngangiyingxenye yabaholi bamabandla ababhala ngokuhlukunyezwa kanye nokungabekezelelwa ngezombusazwe kwaBahlali baseMjondolo ngamaphoyisa esiteshi saseSydenham phambi kwethu sibona. Kuyacaca ukuthi amaphoyisa aseSydenham akufanele abheke abantu bakuKennedy Road noma afokise ubugebengu obusanda kwenzeka kulezinsuku. Kumele kube ezokuvikela ezihlonishwayo futhi ezizimele ngokushesha okukhulu.

Futhi kubalulekile kakhulu ukuthi abaholi bethu bezombusazwe bathathe izinyathelo zokuziqhelisa kulezizenzo zabahlaseli abangenelele kulemijondolo, futhi babahlaze labo abazimbandakanya kanye neqembu labo lezombusazwe, futhi lokho kuyokwenza ukuthi izakhamuzi zakuKennedy Road zazi ukuthi nazo zinelungelo kwintando yeningi njengakwezinye izindawo najengakwabanye abantu lapha eNingizimu Afrika. Lokhu kumbandakanya nelungelo lokuphikisa.

Ngizwelana kakhulu kanye nalabantu abalahlekelwe ngabathandiweyo babo futhi nakulabo abakade bebondla. Kubonakala sengathi abanye lababahlaseli babaholi balemijondolo babalwa kanye nalaba abafile. Uma, kunjalo, lokhu kusho ukuthi kukhona abangenele phakathi kwabahlaseli ukukhinyabeza intuthuko yentando yeningi ngakho-ke sizobakhulekela ukuze nabo baduduzeke futhi ukuthi baziqhelise odlameni kanye namanga babhekane nempilo kanye neqiniso.

Abantu abaningi bayabuza ukuthi bangenzani. Nginaleziziphakamiso ezintathu.

1. Kubalulekile ukuthi ukuhlaselwa kwentando yeningi kuKennedy Road kwaziwe uwonkewonke ukuze sonke sibhekane nokwenzekile futhi siqinisekise ukuthi akuphinde kwenzeke. Sidinga ukunika abahlaselwe ithuba lokuthi bazikhulumele.

2. Kubalulekile futhi ukuthi siludlilusele kubaholi bezombusazwe ngokucacile kanye nangokuputhuma. Ngizobhalela uMongameli uZuma futhi ngigqugquzela nabanye ukuthi benze njalo.

3. Abantu abaningi babalekile emizini yabo bengaphethe lutho. Bandinga usizo oluphuthumayo lwemali. Ngiyavuma ukuthi lokhu okwenzeke emijondolo kuyihlazo elikhulu kwintando yethu yeningi. Ngivumile ukuhlanganyela nokuthi senze indlela yokuthola izimali ezozimazisa lemindeni futhi uma ufuna ukuxhasa lokho ungakuqondisa kwi:Diocese of Natal Trust Account, First National Bank

Inombolo yeakhawunti: 509 3118 7386; Branch code: 257 355, Midlands Mall Branch, Pietermaritzburg, South Africa

Intando yeningi ekungeyona kawonkewonke iyintando yeningi ngegama kuphela.

29 September 2009

Bishop Rubin Phillip

Anglican Bishop of Natal (KZN) and Chairman of the Kwa Zulu-Natal Christian Council

Email: bishop@dionatal.org.za