iSACC Ikhala Ngodlame Lokuhlasela Kwentando Yeninigi

ISACC IKHALA NGODLAME LOKUHLASELWA KWENTANDO YENINGI

ISACC (South African Council of Churches) okuyinhlangano ongumzimba wamabandla aseNingizimu Afrika, ikhala ngokuhlaselwa kwamalunga omphakathi ohluphekayo futhi ongahlomile ohlala kuKennedy Road, eThekwini owaziwa njengaBahlali baseMjondolo. Kusithusile ukuhlaselwa ngonya kwabaholo balenhlangano. Isono salomphakathi ukumelana nokususwa kulendawo nokulelwa indawo abayibiza ngamakhaya. NgoMayo ka2009 bahambisa isikhalo sabo kwiNkantolo yoMthethosisekelo. Lokhu kwakuqhakambisa ukuzimisela kwalomphakathi ukuzimisela kwabo ukuthi izikhalo zabio zihlaziye ngendlale yentando yeningi kanye nehambisana nomthethosisekelo.

NNgomqgibelo wangomhlaka 27 Septemba 2009 ababehlomile – bezenza inkampani yezokuphepha – bahlasela abaholi baBahlali baseMjondolo kanye namanye amalunga omphakathi akuKennedy Road. Am,aphoyisa atshelwa ngokwenzekayo ngalokukuhlaselwa futhi acelwa ukuthi angenelele, kodwa ahluleka ukuvikela nokuqanda udlame nokucekela phansi okwenzeka cishe usuku lonke. Abantu abambalwa labulawa futhi inqwaba yabantu bashiwa bengenazo izindawo zokuhlala kwadingeka ukuthi babaleke nalokhu ababekugqokile.

Omunye wababehlaselwa wathi “isono esasenza ukuthi sihlale sibhikilisha ngokuthula nangendlela yentando yeningi ukuze izingane zethu nabathandiwe bethu bahlale bephephile.”

Umbhishobhi Urubin Phillip ongusihlalo weSACC iKwaZulu-Natal Christian Council kanye nombhishobi webandla laseAngican ukhulume wathi “Ngadabuka kakhulu ngenkathi ngiqala ngizwa ngisihluku esenzeka emijondolo ekuKennedy Road. Uke wachitha isikhathi esiningi kulomphakathi futhi uyaqhubeka nokubalthela izinkonzo. Ianglican Archibishop yaseKapa, uThabo Makgoba, naye unelene nokuhlaselwa kwabantu bakuKennedy Road.

“Lokukuhlasela kubonakala njengokuhlasela intando yeningi”, kusho uEddie Makue weSACC. “Siyasethusa ukubona imiphakathi ezabalazayo yenziwa izigebengu. Abahlali bseMjondolo bahlale befuna ubulungiswa ngendlela efanelekile futhi ehambisana nentando yeningi”.

Laba abahlasele umphakathi waseKennedy Road bebengakabanjwa. Esikhundleni salokho, abaholi balomphakathi ababoshiwe. Ngakho-ke iSACC iyamxhasa uMbhishobhi uPhillip uma ethi “ukumenywa kwabazokuvikela abazimele ikhona okudngeka kakhulu kulesisimo.”. Amaphoyisa aseSydenham ahlulekile ukuvikela abantu baseKennedy Road.

USolwazi Maluleke, uMongameli weSACC, uzwakalise ukukhalisana nalabo abalahlekelwa izihlobo zabo kulokukuhlaselwa. “Akunabulungiswa kukodwa-nje ukuhlupheka kanye nokweswela, kodwa ukuhlaselwa nokubulawa ngokuzabalazela ukuhlupheka kanye nokweswela kubi kakhulu. Sizokhuluma nezikhulu zombusazwe ukuqinisekisa ukuthi amathemba abantu entandweni yeningi awecekelekile phansi. Siphakamisa ukuthi uhulumeni weprovinsi wenze konke okusemandleni awo ukuqeda lokukuhlasle okungena ngqondo,” kusho uMaluleke. Imema bonke abakholelwa kwintando yeningi ukuthi baxhase abantu bakuKennedy Road esikhwameni esiqalwe nguPhillip.

Unganikela ku: Diocese of Natal Trust Account, First National Bank, Account number: 509 3118 7386, Midlands Mall Branch, Pietermaritzburg, South Africa.

Ngeminye imininingwane, ungaxhumana no: Mnu. Eddie Makue, uNobhala Jikelele.