Isolezwe: I-ANC iphika imibiko yokuhlasela abahlali

I-ANC iphika imibiko yokuhlasela abahlali

October 09, 2009 Edition 1

CELANI SIKHAKHANE

I-ANC KwaZulu-Natal isizwakalise ukungenami ngezinsolo ezibhekiswe kuleli qembu ngezigameko zakamuva zokubulawa kwabantu emijondolo ekuKennedy Road, eThekwini.

Lokhu kulandela izinsolo ebezishiwo ngabahlali bakule mijondolo zokuthi i-ANC inesandla ekuhlaselweni kwabo nasekuboshweni kwabaholi bakhona.

UMnuz Sihle Zikalala, onguNobhala we-ANC kulesi sifundazwe, uthe konke lokhu obekushiwo ngaleli qembu kungamampunge futhi kuyizinto ezingabambeki.

“I-ANC izimisele ukuhlangana nabahlali basemjondolo ukuze kudingidwe ngezingqinamba abahlangabezana nazo, futhi sifuna ukuba umphakathi uqonde ukuba thina kasihlangene nakancane nezigameko zakamuva ezinesihluku ngalolu hlobo. Yingakho nje nohulumeni wesifundazwe eze wathumela ithimba lezokuphepha nophiko oluzophenya ngalokhu obekwenzeka,” kuchaza uZikalala.

UZikalala uphinde wakugxeka lokhu kuhlasela wathi angeke nakancane zibekezelelwe izigameko ezifana nalezi ngoba zingubugebengu obuhlukumeza umphakathi.

Uveze nokuthi bazimisele ukuhlangana nabahlali ukuze bakwazi ukuxazulula isimo esikhona njengamanje.

I-ANC ikusho lokhu nje nebandla lamaSheshi kulesi sifundazwe lizwakalise ukweseka abaholi bakule ndawo ababoshiwe, linxusa ukuba badedelwe ukuze kuxoxiswane ngalolu daba oselususe umsindo lwadonsa ngisho nabezindaba bakwamanye amazwe.

UMbhishobhi Rubin Philip wamaSheshi uthe kuzomele uhulumeni wesifundazwe noMasipala weTheku bahlangane nabahlali basemjondolo ukuzebabuyisane kuphele lo mdonsiswano osudale ukubhekana ngezinqu zamehlo kubaholi .

“Lolu daba ludonse ngisho abantu bangaphandle kanti emazweni aphesheya sekukhulunywa ngalo, ngakho kumele luxazululwe ngokushesha ikakhulukazi njengoba lesi sifundazwe singezinye ezizosingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba,” kusho uPhilip.