11 September 2010
INdebe yoMhlaba ayisisizanga ngalutho thina bantu abampofu nabahlala emijondolo eNingizimu Afrikha
INdebe yoMhlaba ayisisizanga ngalutho thina bantu abampofu nabahlala emijondolo eNingizimu Afrikha. Inkulumo ethulwe eNyuvesi i-Rhodes e-Grahamstown
9 Septhemba 2010
Ngifisa ukubonga uMbutho waBahlali baseMjondolo ngokungithemba nokunginika lelithuba ukuba ngizwakalise ukudumala ngenxa uhulumeni abesingathe ngayo iNdebe yoMhlaba. Ngifisa ukubonga nabobonke abangani nabaseka loMbutho wethu namaDlelandawonye ethu i-Western Cape Anti Eviction Campaign, Landless People’s Movement eGoli, i-Rural NetworK Kwa Zulu/Nata nabAhlali baseMjondolo KwaZulu/Natal naseNtshonalanga Koloni.Ngifisa ukubonga i….. ngalelithuba elilihlelile.
Kusukela kwenziwa amalungiselelo eNdebe yoMhlaba thina bantu abampofu besingakaze sibandakanywe ezinhlelweni ukuze sizizwe siyinxenye yayo, ikakhulu uMbutho wethu. Emuva kwalokho sibe sesiphila ngaphansi kwencindezi eyisimanga youkususwa ezindaweni esihlala kuzo, kubalwa emijondolo yako-Siyanda, Motala e-Pinetown, Howick, New Hanover, emafulethini ko-Hilari. Abanye bethu bebesuswa ngesihluku uma bezidayisela emgwaqeni emadolobheni. Abanabhizinisi amatekisi nawo abedliwa ekhishwa emgwaqeni ukuze kuhlomule abame kahle. Kwenyuke nokukhuthazwa kwabantu ukuba badayise ngemizimba, kwanyuka nesibalo sabahaqwe yigciwane lengculazi nesandulela. Kwaphazamiseka ngisho nokufunda kwabantwana ezikoleni. Kwenyuka nokudla ezitolo.
Isithunzi sabantu abampofu siye salulazeka kakhulu ngalesikhathi kwethulwa nemithetho yokuqedwa kwemijondolo ukuze kujatshuliswe izicukuthwana zangaphandle. Kungakho namhlanje imibutho yethu iye yaqina ukulwa nalenzondo nokuhlaselwa okubhekiswe kwabampofu. Siyayiqinisa imikhankaso yethu nsuku zonke zokulwa nokuxhashazwa kwamalungelo esintu. Sikholelwa ngukuthi amandla ethu nekusasa lezwe nabantwana bethu lisezandleni zabantu abampofu. Sibenayo imikhankaso efana no-Upsidedown World Cup ukukhombisa ukungeneliseki, saba nemibhikisho nemihlangano youkuqwashisa abahlali ngalesimo esibucayi.
Constance Magagula