Abamabandla kwelasemijondolo

Available from
http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3403899
Ningizimu Afrika

Abamabandla kwelasemijondolo

August 22, 2006 Edition 1

MHLENGI SHANGASE

Selungenelelwa ngabamabandla ezenkolo udaba lwabahlali basemijondolo abathi
babhekene nenkinga yokushelwa yizindlu zabo, osekwenyuse isibalo sabafe
kulezi zingozi.

Lokhu kushiwo nguMnuz S’bu Zikode, onguMengameli wenhlangano eyaziwa
ngelithi Abahlali Basemijondolo.

UZikode uthe ngempelasonto babe nomlindelo wokukhumbula bonke abadlula
emhlabeni ngokusha kulokhu kuqale isikhathi samakhaza.

Uthe abantu abebengamele le nkonzo yesikhumbuzo ngumBhishobhi Ruben Phillip
wama-Anglican, umBhishobhi wamaKorinte, uMdingisiwe Dladla, nesishoshovu
somzabalazo, uSolwazi Dennis Brutus.

Uthe laba baholi bakuqinisekisile ukweseka umphakathi ohlala emijondolo
njengoba sinyuke safinyelela kwabahlanu isibalo sabashone ezingozini
eziphathelene nokusha.

Uqhube wathi inkinga yalokhu wukuthi imijondolo eminingi ayinawo ugesi
njengoba umasipala ashaya umthetho wokuthi kungabe kusafakwa ogesi
emijondolo.

“Abaholi babone ukuthi abangenelele kulolu daba ngoba abantu abahlala
emijondolo abanakiwe, bashaywa indiva, babukelwa phansi,” kusho uZikode.

Uthe bathe bazoqhubeka babeseke, baphinde banxuse nabanye abangabaholi
ukuthi babasize kule mpi ababhekene nayo nokuthi babakhulekele izinto zabo
zilunge.

Uqhube wathi sebebhalele umphathi wedolobha incwadi yezikhalazo nalapho
bekhala khona ngezindlu abathi bathenjiswa zona ngumkhandlu waseThekwini.

Le ncwadi uthe balindele impendulo ngoSepthemba 4 nalapho bezobuza ukuthi
kanti izindlu abakade bazilinda zifika nini.

UmBhishobhi Phillip uthe bazibophezele ekusizeni abantu abahlala ezakhiweni
eziyimijondolo ngoba ziningi izingozi ezenzekayo kulezi zakhiwo kanti
nabantu bayashona.

Uthe bonke abantu bayafana phambi kwamehlo kaNkulunkulu, akusho lutho ukuthi
bahlala ezakhiweni ezinjani namalungelo abo ayafana.

UmBhishobhi Dladla uthe nabo bayazibophezela ekungeneleleni odabeni lwabantu
abahlala emijondolo.

Isehlakalo sakamuva soshone engozini yokusha senzeke ngeledlule ngesikhathi
kusha kungqongqa ikhehla elino-70 emuva kokuba kuwe ikhandlela lathungela
umkhukhu.

Leli khehla alikwazanga ukuphuma lizisindise. Abanye abane bakwazi
ukuphunyuka ngembobo yenaliti basinda kulesi sehlakalo.