Inkulumo kaMengameli wa-Bahlali baseMjondolo ngo suku lokugubha ukungakhululeki kwaBahlali

Inkulumo kaMengameli wa-Bahlali baseMjondolo(Sbu. Zikode) ngo suku lokugubha ukungakhululeki kwaBahlali. (Unfreedom Day Rally)

27 Epreli 2011

Mqondisi wohlelo, Sekela Mongameli waBahlali, Sihlalo waBahlali baseMapulazini, Baholi bezenkolo, Izinduna, Kennedy 12, Church Land Program, Streetnet, CHOSA, UPM, South Durban Environment Community Alliance, Student from the SIT, Foreman Road Development Committee, Bahlali baseMjondolo.

 

 




 


UnFreedom Day 2011

Namhlanje sihlangene la ukuzolila ukufa kwenkululeko eNingizimu Afrika. Namhlanje sizogubha iminyaka engu-17 uhulumeni wencindezelo nebala elimhlophe anikezela uhulumeni omnyama futhi naye osasicindezela. Ushintsho olukhulu esilibonile ukushinstha kobuso obumhlophe kuya kobumnyama. Ngakho-ke ngabe siyazi khohlisa uma singathi sikhululekile uma kuse nje. Futhi kungabe kasilithandi ngisho neZwe lakithi uqobo uma singaqhubeka nokuvotela osopolitiki abangazi nje nokuthi kuxhunyanwa kanjani nemiphakathi ngaphandle kokuzicebisa bona. Singeke sayivotela inkohlakalo kungakenziwa lutho ngekade siyibika. Siyayazi futhi siyiqonda kahle inkangiso yentando yeningi. Ngalokhu siyazi qhenya ngelethu ivoti siyalazi ukuthi linothe kanganani. Ukuvota kwethu kuleminyaka eyedlule akusisizanga ngalutho, bekufana nje nokufaka ivoti emfuleni lihambe namanzi.

Namhlanje sizovuselela uMkhankaso wethu nabobonke abantu abanganakiwe eNingizimu Afrika othi ‘’Awukho umhlaba nezindlu! Alikho nevoti! Azikho izidingo nenqala sizinda Alikho Ivoti! Ayikho Imisebenzi Alikho Ivoti!’’ Namhlanje sithi akubuyiswe isithunzi sabobonke abahlali base eNingizimu Afrika, kubuyiswe inhlonipho ukuze sibe yisizwe esinakekelanayo. Uma singakahlonipheki kosopolitiki nakuhulumeni alikho ivoti. Sineqiniso neqholo lokuthi kakusiyo inkululeko le eyalwelwa wo-Steve Biko, Robert Sobukwe, O.R. Tambo, DKT Nelson Mandela nabanye abaholi abaqala lendlela. Ngakho-ke ngabe asigcini nje ngokukhohlisa izwe lakithi uma sithi sikhululekileku ngabe sizikhohlisa nathi uqobo, ngabe siyaxoka.

Iningi lethu kalisebenzi, iningi lethu lilala lingadlile, iningi lethu kalinamuntu elikhala kuye, iningi lethu liyaxoshwa ngendluzula ezindaweni elihlala kuzo nguye uhulumeni, nangosomabhizinisi nabanini bamaplazi. Iningi lethu liyashaywa, lidutshulwe ngamaphoyisa uma sizwakalisa ilungelo lethu elikumthethosisekelo wezwe. Uphi u-Andrias Tatane namhlanje wase- Free State? Uphi u-Teboho Mkhonza wase Ntabazwe? Uphi u-Vukani Shange? Uphi u-Thembinkosi Mpanza base-Masangweni.Uphi u-Monica Ngcobo wakwa E eMlazi? Uma ikhona intando yeningi. Iphi i-Kennedy 12? Iphi i-KRDC nezihlobo nabangani nabobonke abahlukumezeka kuhlaselo lango-Septhemba 2009 e-Kennedy uma ikhona intando yeningi? Kusuke sekwenzenjani uma sifuna ukukhuluma nabaholi bethu osopolitiki bese bethumela amaphoyisa? ngisho bona laba abamatasa namhlanje asebekwazi ukungena ngisho emijondolo yethu. Kusuke sekwenzenjani sithumela uhla lwezikhalazo kuhulumeni lingaphendulwa nokuphendulwa wuhulumeni wentando yabantu?

Namhlanje sifisa ukucacisela uhulumeni nabezindaba ukuthi lemibhikisho ethe chithi saka izwe lonke akusiyo nje eyokukhalaza ngokulethwa kwezidingo emphakathini kodwa ingeyokungafezwa kwezithembiso zenkululeko, hhayi nje yezidingo. Ukuhluleka ukuxhumana nemiphakathi nezakhiwo zentando yeningi, ukuhluleka ukubandakanya nokubambisana nemiphakathi ngendlela enenhlonipho nesizotha ekwakhiweni kwezwe lethu yikhona kanye okudala lemibhikisho. Lokhu kuyinkomba yokuthi ukwakhiwa nokuthuthukiswa kwezwe lakithi kwenziwa umsebenzi wedlanzana labathile. Ngakho-ke ukulethwa kwezidingo kubantu kuyinkomba nje yokubacabangela abantu kwintando yeningi nezithelo zokuba yinxenye ngalesikhathi kusahlelwa ukuthi yini edingwa ngabantu, bayidinga kanganani, kuphi, kanjani. Impumelelo yokulethwa kwezidingo iyokwenzeka uma abantu beyinxenye yokwenza lokhu. Yingakho sithi ‘’akukho okwethu ngaphandle kwethu”. Abantu mababe yinxenye yezinguquko nezinqumo ezizothinta bona, yileyo-ke intando yeningi. Lokhu kungamsiza kakhulu uhulumeni ukuthi angagxekwa nomphakathi uphendule uma kukhona onganeme. Okwamanje uhulumeni uvale ngisho izithangami eziyinxenye neziqinisa intando yeningi.

Akusithusi-ke ukwehla kwesasa lokuvota kuloyaka kuze kuphoqeleke ukuthi kukhokhelwe imisakazo nomabona kude ukuthi bakhuthaze abantu ukuthi bayovota. Bathi yilungelo lakho leli, uma usufuna kufezwe lezithembiso usuyisitha, abasabonwa bonke labo abaseka lemikhankaso kwazise phela bayakhokhelwa ukukhohlisa abantu. Usufuna lezizethembiso zifezwe bayanyamalala bathumele amaphoyisa. Sithi namhlalnje ngeke niphinde nikhohlise abahlali, sithi isikhathi sokukhohlisa abantu siphelile, sithi kubaphathi bamaphoyisa, amaphoyisa awabhekane nezigebengu, abhekane nezigebengu zosopolitiki ezihluleka ukwenza umsebenzi wabantu zizibandakanye enkohlakalweni, mawahlukane nababhikishi abophe labo abayimbangela yemibhikisho.

Ngala mazwi Bahlali, masisukume siwuqinise umkhankaso wethu. Singapheli amandla, singesabi sithande izwe lakithi, silwele intando yeningi eneqiniso nakubantu ababuthaka, singathuli izinto zonakala, singavumi ukufudulwa ngendluzula ezweni lokhokho bethu, sivikele umthethosisekelo wezwe ukuze negazi lamaqhawe afana no-Andrias Tatane lingachithekeli ize. Siyazi noMkhuzi wamaphoyisa kuzwe lonke uJene Bheki Cele uthe “Lokhu kugcinile igazi lakhe lisifundise okukhulu” siyazi ukuthi baningi abafela ezandleni zamaphoyisa umehluko ngo-Tatane ukuthi yena ufe ebonwa yizwe lonke ku-TV, amahlathi okucasha aphelile, ukube ibingekho i-TV ngabe “asazi sonke asazophenya amaphoyisa” wona la ambulalile noma bamfumbathise isibhamu esingekho emthethweni kulezi abahlale beziqoqa la emalokishini bese bethi uyena odubule kuqala ebhekise emaphoyiseni ase emdubula. Futhi siyazi ukuthi umyalelo wokudubula amaphoyisa awuthola kubo osopolitiki abangobasi bawo, kwabanjalo nase-Kennedy. Njengoba sazi ukuthi nezindlu asizitholi nje la eThekwini kungenxa kasopolitiki oyinhloko ophikweni lezindlu kumasipala weTheku nokuthiwa ubazonda la behambe khona Abahlali, lokhu kufakazwa nangabasebezi baloluphiko. Bayeza abahlali nesando sokuvula wendoda evale intuthuko eThekwini nakuso sonke isifundazwe nezwe lonke.

Njengoba imiphakathi eminingi inganeme ngentando yeningi yakuleli, sithi sizwelana nayo yonke imiphakathi ekhishwe inyumbazane kuleli. Sizwelana naBahlali baseMjondolo eNsthonalanga Kapa osekuyisonto lesithathu leli besemgwaqeni belwela ilungelo labo. Namhlanje baneNgqungquthela yokuthola isixazululo senje bomvu (umlilo) (Shack fire Summit). Njengoba namazwe omhlaba esiseka emizameni yethu yobulungiswa nathi sidlulisa ukuba seka emhlabeni wonke abacindezelwe njengathi, sithi umzabalazo wabo ungowethu.

Ngiyabonga,

No Land! No House! No Vote!!!