Isolezwe: ‘Sizokwenza iTheku lingalawuleki’

http://www.iol.co.za/isolezwe/sizokwenza-itheku-lingalawuleki-1.1155635

‘Sizokwenza iTheku lingalawuleki’

October 12 2011 at 11:10am
By BONISWA MOHALE

 



AMALUNGU enhlangano Abahlali baseMjondolo oMzwakhe Mdlalose, Lindela Figlan, Sbu Zikode, Mazwi Nzimande, Zandile Nsibande noBandile Mdlalose Isithombe: SITHUNYELWE

 

ABAHLALI baseMjondolo sebesabise ngokuthi bazokwenza iTheku lingalawuleki emuva kokuba iMeya, uMnuz James Nxumalo, ehoxise umhlangano obekumele abe nawo nobuholi bale nhlangano.

Ngokusho kukaMnuz Sbu Zikode, uSihlalo wale nhlangano, isenzo seMeya sibacasulile futhi bayabona ukuthi nayo ayizimisele ngokusiza abaswele.

UZikode ukusho lokhu izolo esithangamini sabezindaba emahhovisi amasha ale nhlangano aseSalisbury Centre, enkabeni yeTheku.

“Sizokwenza iTheku lingalawuleki, sifuna babone ukuthi abantu banamandla. Sizoba nokhukhulelangoqo wemashi ngo-Okthoba 19 imininingwane yayo esizoyikhipha maduzane,” kusho uZikode.

Uthe bebenethemba lokuthi uNxumalo uzozinika isikhathi sokulalela izikhalo zabo ngoba ngisho esengusomlomo weTheku wayekwazi ukukhuluma nabo.

Amazwi akhe enanelwe nguMengameli wale nhlangano, uMnuz Mzwakhe Mdlalose, okhale ngokuthi uMasipala weTheku awubanakile. Ubuze ukuthi kungani wethembisa ukuhlangana nabo uma ungazimisele.

Ube esenxusa Inhloko yoPhiko lwezezindlu, uMnuz Nigel Gumede, ukuba afake incwadi yokwesula kulo msebenzi ngoba akawenzi kahle.

Lo mbono ubusekelwa yibo bonke ubuholi benhlangano yabahlali baseMjondolo. UZikode uthe bebenethemba lokuthi uNxumalo uzohlangana nabo ngoba wayekhombisa ukuzwelana nabampofu kodwa kubukeka sengathi naye usehamba ezinyathelweni zeMeya endala.

UMnuz Thabo Mofokeng wezokuxhumana kuMasipala weTheku, ukuvumile ukuthi kwakumele kube nomhlangano kodwa wahoxiswa ngenxa yezizathu ezithize.

Esinye sazo kwaba wukuthi zazingamenyiwe zonke izinhlaka ezithintekayo.

Uthe luzomenyezelwa maduze usuku lomhlangano futhi iMeya izimisele ukuxoxisana nazo zonke izinhlaka zomphakathi, okubalwa kuzo Abahlali baseMjondolo ukuze ihambise izidingo.