Bathi abayi ndawo abahlali basemjondolo

http://www.iol.co.za/isolezwe/bathi-abayi-ndawo-abahlali-basemjondolo-1.1161345

Bathi abayi ndawo abahlali basemjondolo

October 20 2011 at 01:32pm

BONISWA MOHALE

Bebedinwe begane unwabu abahlali basemijondolo yase-Emmaus, eWestmead, ngasePinetown izolo bemashela inkampani efuna basuke endaweni abakhe kuyo.

 

 




March on the Mahogany Ridge 2 Property Owners Association and in Defence of the eMmause Land Occupation, eMmause, Pinetown 19 October 2011


 

Imashi isuke ekhoneni lika-Old Main Road noCrompton Street ePinetown yaze yayophelela emahhovisi e-Afro Group, okuyiyona nkampani ephethe uhlelo lwentuthuko ezoqala lapho kwakhiwe imijondolo yase-Emmaus.

Abahlali bebevutha bephethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi “Akumiswe ukukhishwa kwabantu” ezinye zithi “umhlaba awukho sendalini”.

UMnuz Muzi Mkhize ongumgqugquzeli wale mashi, uthe bakhathele ukuhlala sengathi bayizinyamazane ezingenankululeko.

“Kutshalwe onogada endaweni yethu, kufakwe nocingo olushokhayo. Asazi ukuthi senzeni.

“Simashele kule femu ngoba yiyona ethuthukisa indawo esakhe kuyo. Sizobatshela ukuthi asiyi ndawo,” kusho uMkhize.

Bebesho ngo-elethu abahlali ukuthi bazohlala ngenkani endaweni ezothuthukiswa.

Baze batshela isikhulu sale nkampani, uMnuz Glen Dempsey, ukuthi akacele imali yakhe kulabo abamthume ukuba athuthukise le ndawo ngoba ngeke basuke.

Bathe bafuna ukulethelwa izidingongqangi – amanzi nogesi – nokuthi kuthuthukiswe ingqalasizinda.

UDempsey wemukele uhlu lwezikhalo zabo walusayina wase ebuyela emahhovisi.

I-Afro Group isifake abahlali base-Emmaus enkantolo inxusa ukuba basuswe lapho bakhe khona.

I-Emmaus yakhele amafemu ase-Westmead. abanikazi bawo bahlale besola abahlali bale mijondolo ngokuba ngamasela nangokuntshontsha ugesi.

Abahlali bathe bamnikeza izinsuku ezinhlanu uDempsey ukuba abuyele kubona kungenjalo sebeyohlangana enkantolo ngo-Okthoba 25.

Ngesikhathi iphephandaba lizama ukuthola ukuphawula kukaDempsey kuthiwe ubambekile emhlanganweni nezinye izikhulu zenkampani.