Skip to content
7 March 2007

IZINKULUNGWANE ZIZOBHIKISHA ZIPHIKISANA NOMPHATHI WESIGCAWU uYACOOB BAIG NGO MHLAKA 14 SEPTEMBER 2005

PRESS RELEASE: THURSDAY, SEPTEMBER 2005

IZINKULUNGWANE ZIZOBHIKISHA ZIPHIKISANA NOMPHATHI WESIGCAWU uYACOOB BAIG NGO MHLAKA 14 SEPTEMBER 2005

Giya! Giya!
Bathengisa Ngathi

NINI: Ngehora lesishayagalombili ekuseni, ngolwesithathu, zingu 14 September 2005.

KUPHI: Ukubhikisha kwabantu kuzosuka ehholo lomphakathi kuKennedy Road ose 286 Kennedy Road, nase Clare Estate. Ukubhikisha kuyophelela emahhovisini akhe umnumzane Baig elisekhoneni lika Randles no Spark’s Road eSydenham.

NGOBANI: Lezinkulungwane zifuna imihlaba, izindlu, izidingo zomphakathi ezibalulekile kanye nenhlonipho, baphinde bamnikeza amaviki amabili okushiya esikhundleni umnumzane Baig. (Ungafunda encwadini yezikhalazo engezansi ukubona izidingo zethu eziphelele).

ABAHLELI: Abahleli balombhikisho iKennedy Road Development Committee. Bazobe besebenzisana nezinye izinhlangano ezihambelana nentando yeningi, lezi hlangano zihlanganise amanye amalunga omphakathi owasezindaweni ezingekho emthethweni (informal settlements) eClaire Estate, Burnwood Road, Foreman Road, Jadhu Place, Lacey Road, Palmiet Road, Puntan’s hill naseSydenham Heights neJimmy Carter Housing project eseSherwood.

ABALANDELI: Lombhikisho uzobe uhlanganise nabantu abaphuma kwezinye izinhlangano ezingaphandle kweWard 25. Abanye abazobe bekhona, iBayview Flat Residents’ Association; Combined Staff Association (UKZN); Eastwood Community Forum; Groundwork; Mandela Park Anti-eviction Campaign (Cape Town); Maritzburg Social Forum; Right to Work Campaign; Socialist Students’ Movement (UKZN); Wentworth Development Forum; kanye ne Westcliff Flat Residents’ Association.

UMA UDINGA ULWAZI NOMA UDINGA UKUBEKA UMBONO UNGATHINTANA NALABA: Mnu. Jerome Bhengu ku 072 4390843; Nkkzn. Nonhlanhla Mzobe ku 082 6892606; Nkkzn. Zelda Norris ku 031 2077575; Mnu. Anton Zamisa ku 072 0327739 noma Mnu. S’bu Zikode ku 083 5470474.

Ngomhlaka 13 May 2005, abantu abangu 5 000 babebhikisha futhi bephikisana nomphathi wesigcawu uYacoob Baig, befuna ukuthi ashiye isikhundla ngaleso sikhathi. Umbono ka Baig uwukuthi uzimisele ngokusinciphisela ukuthula emizameni yethu yekuqhubeza ukukhululeka kwabantu bonkhe, yena ukwenza kubonakale sengathi kuwubugebengu, loku kutholakale ephephandabeni iA1 Qalam lango May nakumsasazo iA1 Ansaar ngomhlaka 5 July. Sesatshelwa ukuthi umnumzane Baig unikeze umuyalezo wokuthi sinqatshelwe esasithenjiswe kona, kanye nokuthi kufanele sikhokhele ukufakwa kukagesi njengenhlawulo. Kwala ngisho noma abaphathi benhlangano kamnumzane Baig bemutshela ukuthi ahlangabezane nezidingo zalabo abampofu emphakathini, kodwa wenqaba. Siyazi ukuthi abantu abanje ngo mnumzane Bheki Sibaya sebezame behluleka ukumthola enecala umnumzane Baig. Manje asazi noma ukubhikisha kwezinkulungwane kuyowenza yini umehluko noma kuyoshaywa indiva nje kuphela. Kanti kufanele kuze kube njani ukuze izikhalazo, nokuhlupheka kwethu kunakwe. Abampofu base Ward 25 abazithembi ngomnumzane Baig, futhi nathi asethembi ukuthi abaphathi bakhe bazomuthola enecala. Kepha, manje, nathi simunikeza amaviki amabili ukuthi ashiye esikhundleni.

Silindele isibalo zabantu abaphindwe kabili kulaba ababhikisha ngokwendlule, ekuphikisaneni nomnumzane Baig. Kulamaviki amabili ngaphambi kokubhikisha kuzobanjwa imihlangano kulemiphakathi ebumbene ngokuphikisa umnumzane Baig. Sizithathela, izimpilo zethu kanye nekusasa lethu ezandleni zethu. Asikwazi ukuthi singathembela komunye umuntu.

Obani bengathinta amabhubhesi?