Kubhikishe izakhamuzi eThekwini | Abahlali baseMjondolo
elektronik sigara ve likitleri resmi sitesi elektronik sigara elektrikli sigara ve esigara satış sitesi e sigara ego ce6 ego ce6

Kubhikishe izakhamuzi eThekwini

amaphoyisaimashiNews24Palmiet RoadZulu

http://isizulu.news24.com/NingizimuAfrika/Kubhikishe-izakhamuzi-eThekwini-20121207

Kubhikishe izakhamuzi eThekwini

Durban – Amakhulu ezakhamuzi zaseThekwini eClaire Estate naseReservoir Hills, kulindeleke ukuba zingenele umbhikisho, emgwaqeni uPalmiet Road, ngoLwesihlanu ekuseni.

Inhlangano yabahlali basemjondolo, ithi bazobamba imashi enokuthula ngenhloso yokuzwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokungalethwa kwezidingo, kubika iNewswatch.

Okhulumela Abahlali Basemjondolo uSbu Zikode uthi abahlali bazolibhekisa ehhovisi likaThemba Mtshali, noyikhansela lakuwadi 23, okuyilapho abazomnika khona incwadi yezikhalazo.

Uthi abahlali badiniwe ngokungalethwa kwezidingo endaweni, izidingo ezifana namanzi nokuthuthwa kwendle.

Amaphoyisa asiqaphile isimo.

Ababhikishi ku-Palmiet Road bashise amathayi bajikijela amatshe emgwaqeni.