News24: Basale bedinga kusha eThekwini

http://isizulu.news24.com/NingizimuAfrika/Basale-bedinga-kusha-eThekwini-20121227

Basale bedinga kusha eThekwini

Durban – Ingaphezulu kwekhulu imindeni ezama ukuhlanganisa izinto kancane kancane kulandela ukucekeleka phansi kwamakhaya ayo ngenxa yomlilo emijondolo ekuPalmiet Road eThekwini endaweni yaseClare Estate, kubika iNewswatch.

Umlilo ucekele phansi imijondolo ngosuku olwandulela uKhisimusi washisa imizi engu-85.

Bangaphezulu kuka-150 abantu abasale dengwane.

Nakuba ingakacaci imbangela yomlilo, amaphoyisa akholelwa ukuthi umlilo uqale emjondolo oshiywe kuvutha kuwo ikhandlela.

Abantu ababili belashelwa izilonda zokusha esibhedlela.

UMnikelo Ndabankulu, osenhlanganweni Abahlali baseMjondolo, uthi iningi lemindeni ekhahlamezekile yileyo esemaholidini.

“Abanye babo abasiboni isidingo sokuphuthuma babuye ngoba impahla yabo, imizi nakho konke okunye kushile.”

UNdabankulu uthi labo okwenzeke lo mshophi besezindlini zabo, bacushiswe emahholo omphakathi, ngesikhathi besakha kabusha imizi yabo.